Bathumela izinhloli eBhethele elalikade laziwa ngokuthi yiLuzi. Lapho izinhloli zibona indoda eyayiphuma emzini, zathi kuyo: “Sikhombise indlela yokungena emzini, sizokuphatha kahle.” Ngakho-ke yabakhombisa indlela yokungena emzini, bawubhubhisa umuzi ngenkemba, kodwa indoda nomndeni wayo wonke babadedela bahamba. Indoda yahamba yaya ezweni lamaHithi, yakha umuzi yawuqamba ngokuthi yiLuzi, usabizwa ngalelo gama kuze kube namuhla. UManase akazixoshanga izakhamuzi zaseBhethi Sheyani nemizana yalo, ezaseThahanakhi nemizana yalo, ezaseDori nemizana yalo, ezase-Ibheleyami nemizana yalo, nezaseMegido nemizana yalo, kodwa amaKhanani aqhubeka ahlala kulelo lizwe. Kuthe u-Israyeli esenamandla, wawaphoqa amaKhanani ukuba amsebenzele, kodwa akawaxoshanga aphume aphele phakathi kwakhe. No-Efrayimi akawaxoshanga amaKhanani ayehlala eGezeri, kodwa amaKhanani ahlala phakathi kwabo eGezeri. UZebuloni akazixoshanga izakhamuzi zaseKhithroni, nezaseNahaloli, kodwa amaKhanani ahlala phakathi kwabo bawaphoqa ukuba abasebenzele. U-Asheri akazixoshanga izakhamuzi zase-Akho, ezaseSidoni, ezase-Ahelabhi, ezase-Akhizibhi, ezaseHelibha, ezase-Afiki nezaseRehobhi
Funda Abehluleli 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Abehluleli 1:23-31
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo