EkaJakobe 2:3-7

EkaJakobe 2:3-7 ZUL20

niyabheka, bese nithi kogqoke izingubo zakwanokusho: “Hlala lapha wena kule ndawo enhle,” bese nithi kompofu: “Yima lapho wena,” noma: “Hlala phansi kwesenabelo sezinyawo zami.” Anibandlululanga yini phakathi kwenu, naba ngabehluleli abanemidlinzo emibi na? Lalelani, bazalwane bami abathandekayo, uNkulunkulu akabakhethanga yini abampofu bomhlaba ukuba babe ngabacebileyo okholweni, nezindlalifa zombuso awuthembisa kulabo abamthandayo na? Kepha nina nimehlisa isithunzi ompofu. Abacebileyo kabanicindezeli yini, banihudulele ezigcawini na? Akusibo yini abahlambalaza igama elihle enibizwa ngalo na?