EkaJakobe 2:3-7

EkaJakobe 2:3-7 ZUL59

nimbheke ogqokile izingubo ezicwebezelayo, nithi: “Hlala lapha wena kulendawo enhle,” besenithi kompofu: “Yima lapho wena,” noma: “Hlala phansi kwesenabelo sezinyawo zami,” anikhethi yini, nibe ngabahluleli abanezizindlo ezimbi na? Yizwani, bazalwane bami abathandekayo. UNkulunkulu akakhethanga yini abampofu ezweni babe ngabacebileyo ekukholweni nezindlalifa zombuso awuthembisa bona abamthandayo na? Kepha nina namdumaza ompofu. Abacebileyo abanicindezeli yini, abanihuduleli emacaleni na? Abahlambalazi igama elihle enibizwa ngalo na?