U-Izaya 64
64
Ukukhala Kuka-Israyeli
1Sengathi ungadabula amazulu, wehle,
kuzamazame izintaba phambi kwakho,
2njengalapho umlilo wokheleka ezinsabeni,
nalapho umlilo ubilisa amanzi,
ukuze wazise izitha zakho igama lakho,
izizwe zithuthumele phambi kwakho.
3Lapho wenza izinto ezimangalisayo
esasingazilindele, wehla;
izintaba zathuthumela phambi kwakho.
4Kusukela emandulo akekho owezwayo,
akukho ndlebe eyalalela,
akukho liso elabona omunye uNkulunkulu
ngaphandle kwakho,
obasebenzelayo labo abamlindelayo.
5Uyabahlangabeza labo
abakuthokozelayo ukwenza ukulunga,
labo abakukhumbulayo ezindleleni zakho.
Wena wathukuthela;
thina sona,
sahlala kukho isikhathi eside,
pho siyosindiswa na?
6Sonke sesiphenduke saba njengongcolileyo;
zonke izenzo zethu ezilungileyo
sezifana nengubo engcolileyo.
Sonke sesibune njengeqabunga,
nobubi bethu busiphephula njengomoya.
7Akukho namunye obiza iGama lakho,
nozama ukubambelela kuwe,
ngokuba ubusithibezile ubuso bakho kithi,
wasiqeda ngenxa yobubi bethu.
8Kodwa manje, Simakade, unguBaba,
thina siyibumba,
Wena ungumbumbi wethu,
sonke singumsebenzi wesandla sakho.
9Simakade, ungathukutheli kakhulu,
ungazikhumbuli iziphambeko zethu
kuze kube phakade.
Sonke phela singabantu bakho.
10Imizi yakho engcwele isifana nehlane,
iZiyoni seliphenduke ihlane,
neJerusalema liyincithakalo.
11Indlu yethu engcwele nemangalisayo,
lapho okhokho bethu babekudumisa khona,
ishiswe ngomlilo,
nazo zonke izinto zethu ezithandekayo,
ziphenduke incithakalo.
12Emva kwakho konke lokhu,
usazokuzibamba yini Simakade na?
Usazothula yini, sewusishaye kangaka na?
Okuqokiwe okwamanje:
U-Izaya 64: ZUL20
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.