U-Izaya 63

63
Usuku LukaSimakade Lokuziphindiselela Kwabakwa-Edomi
1Ngubani lona ovela kwa-Edomi,
enezingubo ezibomvu zaseBhozira;
lona ohlobe ngezembatho zakwanokusho,
ohamba ngamandla amakhulu na?
“Yimina engikhuluma ngokulunga,
nenginamandla okusindisa.”
2Kungani izembatho zakho zibomvu,
nezingubo zakho zinjengezonyathela
esikhamweni sewayini na?
3“Isikhamo sewayini ngisinyathele ngingedwa;
kwakungekho noyedwa kubantu owayenami;
ngabanyathela ngentukuthelo yami,
ngabaciphiza ngolaka lwami,
negazi labo lachaphazela izingubo zami,
ngazingcolisa zonke izembatho zami.
4Ngokuba usuku lokuphindisela lwalusenhliziyweni yami;
unyaka wokuhlenga kwami usufikile.
5Ngabheka, kodwa kwakungekho ongisizayo;
ngamangala, kodwa kwakungekho osekelayo;
yayisingisindisa ingalo yami,
nolaka lwami lwangisekela.
6Ngase nginyathela izizwe ngentukuthelo yami,
ngazichoboza ngolaka lwami,
ngalithululela phansi igazi lazo.”
Umusa KaSimakade Awenzele U-Israyeli
7Ngiyakuwukhumbula umusa kaSimakade,
ngimdumise uSimakade ngakho konke asenzele khona,
nokuhle okuningi phezu kwendlu ka-Israyeli
ayenzele khona,
ngobubele bakhe nangobuningi bomusa wakhe.
8Wathi:
“Ngempela bangabantu bami,
abantwana abangenankohliso;”
waba nguMsindisi wabo,
9kuzo zonke izinhlupheko zabo.
Ingelosi yobukhona bakhe yabasindisa.
Wabahlenga ngenxa yothando lwakhe, nesihawu sakhe;
wabetshatha, wabathwala zonke izinsuku zasemandulo.
10Nokho bahlubuka,
bawudabukisa uMoya wakhe oNgcwele,
waphenduka isitha sabo, walwa nabo.
11Abantu bakhe base bekhumbula izinsuku zakuqala zikaMose,
bathi: uphi lowo owabakhipha olwandle
nabelusi bomhlambi wakhe na?
Uphi lowo owabeka uMoya wakhe oNgcwele
phakathi kwabo,
12owenza ukuba ingalo yakhe emangalisayo
ihambe ngakwesokunene sikaMose,
owehlukanisa amanzi phambi kwabo,
ukuba azenzele igama eliphakade;
13owabadabulisa olwandle njengehhashi ehlane,
ukuze bangakhubeki na?
14Njengezinkomo zehlela ethafeni,
uMoya kaSimakade wabaphumuza.
Wabahola kanjalo abantu bakho,
ukuze uzenzele igama elimangalisayo.
Umkhuleko Ka-Israyeli
15Bheka usezulwini,
ubone usendaweni yobukhosi bakho
neyodumo lwakho:
kuphi ukushisekela kwakho,
nemisebenzi yakho yamandla na?
Ukuvutha kwesihe sakho
nobumnene bakho kugodliwe kimi.
16Ngokuba Wena unguBaba,
nakuba u-Abhrahama engasazi,
no-Israyeli engasivumi,
kodwa Wena Simakade unguBaba;
igama lakho unguMhlengi wethu waphakade.
17Simakade, kungani usidukisile ezindleleni zakho,
uzenza lukhuni izinhliziyo zethu,
zize zingakwesabi na?
Buya ngenxa yezinceku zakho,
izizwe zefa lakho.
18Abantu bakho abangcwele
balidla ifa okwesikhashana;
izitha zethu ziyigxobagxobile indawo yakho engcwele.
19Sinjengalabo ongazange ubuse phezu kwabo,
nabangabizwanga ngeGama lakho.

Okuqokiwe okwamanje:

U-Izaya 63: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo