U-Izaya 62:1-5
U-Izaya 62:1-5 ZUL20
Ngenxa yeZiyoni angiyukuthula, nangenxa yeJerusalema angiyukuphumula, kuze ukulunga kwalo kuphume njengokukhanya, nokusindiswa kwalo njengesibani esivuthayo. Izizwe ziyokubona ukulunga kwakho, namakhosi wonke inkazimulo yakho; uyobizwa ngegama elisha eliyonqunywa ngumlomo kaSimakade. Uyokuba ngumqhele wodumo esandleni sikaSimakade, nomshuqulu wobukhosi esandleni sikaNkulunkulu wakho. Akusayukuthiwa ngawe uNgoshiyiweyo, nezwe lakini alisayukuthiwa yiNcithakalo; kodwa uyobizwa ngokuthi Ontokozo yami ikuye, nezwe lakini ngokuthi Oganileyo; ngokuba uSimakade uyathokoza ngawe, nezwe lakini lendile. Njengensizwa iganwa yintombi, kanjalo amadodana akho ayakuganwa nguwe, nanjengokuthokoza komyeni ngomakoti wakhe, uNkulunkulu wakho uyakuthokoza ngawe.


