U-Isaya 62:1-5
U-Isaya 62:1-5 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngenxa yeZiyoni angiyukuthula, nangenxa yeJerusalema angiyukuphumula, kuze ukulunga kwalo kuphume njengokukhanya, nokusindiswa kwalo njengesibani esivuthayo. Izizwe ziyokubona ukulunga kwakho, namakhosi wonke inkazimulo yakho; uyobizwa ngegama elisha eliyonqunywa ngumlomo kaSimakade. Uyokuba ngumqhele wodumo esandleni sikaSimakade, nomshuqulu wobukhosi esandleni sikaNkulunkulu wakho. Akusayukuthiwa ngawe uNgoshiyiweyo, nezwe lakini alisayukuthiwa yiNcithakalo; kodwa uyobizwa ngokuthi Ontokozo yami ikuye, nezwe lakini ngokuthi Oganileyo; ngokuba uSimakade uyathokoza ngawe, nezwe lakini lendile. Njengensizwa iganwa yintombi, kanjalo amadodana akho ayakuganwa nguwe, nanjengokuthokoza komyeni ngomakoti wakhe, uNkulunkulu wakho uyakuthokoza ngawe.
U-Isaya 62:1-5 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngenxa yeSiyoni angiyikuthula, nangenxa yeJerusalema angiyikuphumula, ukulunga kwalo kungakaphumi njengokukhanya nokusindiswa kwalo njengesibani esivuthayo. Izizwe ziyakubona ukulunga kwakho, namakhosi onke inkazimulo yakho; uyakubizwa ngegama elisha eliyakunqunywa ngumlomo kaJehova. Uyakuba ngumqhele wodumo esandleni sikaJehova, neqhele lobukhosi esandleni sikaNkulunkulu wakho. Awusayikuthiwa Oshiyiweyo, nezwe lakini alisayikuthiwa iNcithakalo, kepha uyakubizwa ngokuthi Ontokozo yami ikuye, nezwe lakini ngokuthi Oganileyo, ngokuba uJehova uyathokoza ngawe, nezwe lakini lendile. Ngokuba njengensizwa iganwa yintombi, kanjalo amadodana akho ayakuganwa nguwe; nanjengokuthokoza komyeni ngomakoti wakhe uNkulunkulu wakho uyakuthokoza ngawe.
U-Isaya 62:1-5 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngenxa yeSiyoni angiyikuthula, nangenxa yeJerusalema angiyikuphumula, kuze kuphume ukulunga kwalo njengokukhazimula, nokusindiswa kwalo njengesibani esivuthayo. Izizwe ziyakubona ukulunga kwakho, namakhosi onke inkazimulo yakho, wena ubizwe ngegama elisha oyakulibiza ngomlomo kaJehova. Uyakuba ngumqhele okhazimulayo esandleni sikaJehova, nomqhele wobukhosi esandleni sikaNkulunkulu wakho. Kawusayikubizwa ngokuthi unguSishiywa; izwe lakho alisayikubizwa ngokuthi ihlane, kepha uyakubizwa ngokuthi iHefiziba nezwe lakho ngokuthi iBewula; ngoba uJehova uyathokoza ngawe, lelizwe lakho lizathembeka. Ngokuba njengensizwa iganwa yintombi, kanjalo amadodana akho ayakuthatha wena; futhi njengoba umyeni ejabulela umakoti, kanjalo uNkulunkulu wakho uyojabula ngawe.