“Ukuzila engikukhethileyo akukhona yini lokhu:
ukuthukulula izibopho zenkohlakalo,
ukukhumula izitilobho ejokeni,
ukukhulula abacindezelweyo,
nokuphula wonke amajoka na?
Akusikho yini ukwabelana
nabalambileyo isinkwa sakho,
ukungenisa abampofu nemihambima ekhaya lakho,
lapho ubona ohambaze umembathise,
nokungazifihli ezihlotsheni zakho na?
Khona ukukhanya kwakho kuyovela njengokusa,
nokuphiliswa kwakho kuyovela masinyane,
ukulunga kwakho kuyokukwendulela,
inkazimulo kaSimakade ibe ngasemuva kwakho.
Khona uyakumemeza, kusabele uSimakade;
uyakukhala, bese ethi:
‘Bheka, ngilapha.’
“Uma ususa ijoka phakathi kwenu,
ukukhombana ngeminwe,
nokukhuluma kabi,
unike olambileyo ukudla kwakho,
usuthise othotshisiweyo;
khona ukukhanya kwakho
kuyovela ebumnyameni,
ukuhlwa kwakho kufane nemini.
USimakade uyokuhola njalo,
anelise okuntulayo ezindaweni ezomileyo,
aqinise amathambo akho.
Uyakuba njengensimu eniselweyo
nanjengomthombo wamanzi,
omanzi awo engashi.
Abanye phakathi kwenu bayokwakha kabusha
incithakalo yezakhiwo zasemandulo;
uyakuvusa izisekelo zezizukulwane ngezizukulwane,
uyobizwa ngokuthi unguMvuseleli wezingange,
noMlungisi wemigwaqo
ukuba kuhlalwe kukho.
“Uma uzinqanda ekungcoliseni isabatha,
ungenzi umsebenzi wakho
ngosuku lwami olungcwele;
isabatha ulibize ngokuthi yintokozo,
nosuku olungcwele lukaSimakade
ngokuthi luhloniphekile, uluhloniphe;
ungahambi ngezindlela zakho,
wenza okuthandwa nguwe
noma imisebenzi yakho