U-Isaya 58:6-13
U-Isaya 58:6-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Ukuzila engikukhethileyo akukhona yini lokhu: ukuthukulula izibopho zenkohlakalo, ukukhumula izitilobho ejokeni, ukukhulula abacindezelweyo, nokuphula wonke amajoka na? Akusikho yini ukwabelana nabalambileyo isinkwa sakho, ukungenisa abampofu nemihambima ekhaya lakho, lapho ubona ohambaze umembathise, nokungazifihli ezihlotsheni zakho na? Khona ukukhanya kwakho kuyovela njengokusa, nokuphiliswa kwakho kuyovela masinyane, ukulunga kwakho kuyokukwendulela, inkazimulo kaSimakade ibe ngasemuva kwakho. Khona uyakumemeza, kusabele uSimakade; uyakukhala, bese ethi: ‘Bheka, ngilapha.’ “Uma ususa ijoka phakathi kwenu, ukukhombana ngeminwe, nokukhuluma kabi, unike olambileyo ukudla kwakho, usuthise othotshisiweyo; khona ukukhanya kwakho kuyovela ebumnyameni, ukuhlwa kwakho kufane nemini. USimakade uyokuhola njalo, anelise okuntulayo ezindaweni ezomileyo, aqinise amathambo akho. Uyakuba njengensimu eniselweyo nanjengomthombo wamanzi, omanzi awo engashi. Abanye phakathi kwenu bayokwakha kabusha incithakalo yezakhiwo zasemandulo; uyakuvusa izisekelo zezizukulwane ngezizukulwane, uyobizwa ngokuthi unguMvuseleli wezingange, noMlungisi wemigwaqo ukuba kuhlalwe kukho. “Uma uzinqanda ekungcoliseni isabatha, ungenzi umsebenzi wakho ngosuku lwami olungcwele; isabatha ulibize ngokuthi yintokozo, nosuku olungcwele lukaSimakade ngokuthi luhloniphekile, uluhloniphe; ungahambi ngezindlela zakho, wenza okuthandwa nguwe noma imisebenzi yakho
U-Isaya 58:6-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Akusikho lokhu kuzila engikukhethileyo yini: ukuthukulula izibopho zobubi nokuxegisa imichilo yejoka; ukukhulula abacindezelwayo nokwaphula onke amajoka na? Akusikho ukwabela abalambileyo isinkwa sakho, nokuyisa abampofu nemihambima ekhaya lakho, nokwembesa ohamba ze, lapho umbonayo, nokungazisithezi kwaba yinyama yakho, na? Khona ukukhanya kwakho kuyakuqhamuka njengokusa, nokuphuluka kwakho kuyakuvela masinyane, ukulunga kwakho kuhambe phambi kwakho, inkazimulo kaJehova ibe semva kwakho. Khona wena uyakubiza, kusabele uJehova; uyakukhala, abesethi: Bheka, ngilapha. “Uma ususa phakathi kwakho ijoka, nokukhomba ngomunwe, nokukhuluma okubi, umnike olambileyo isinkwa sakho, usuthise othotshisiweyo, khona ukukhanya kwakho kuyakuphuma ebumnyameni, ukuhlwa kwakho kube njengemini. UJehova uyakukuhola njalo, asuthise umphefumulo wakho ezindaweni ezomileyo, aqinise amathambo akho; uyakuba njengensimu eniselweyo nanjengomthombo wamanzi, omanzi awo angaphuthi. Abavela kuwe bayakwakha izincithakalo ezindala, ubuye wakhe izisekelo zezizukulwane ezidlulileyo, ubizwe ngokuthi uMvalisikhala noMlungisi wemikhondo ukuba kuhlalwe khona. “Uma ulubuyisa unyawo lwakho kulo isabatha, ukuze ungenzi umsebenzi wakho ngosuku lwami olungcwele, ulibize isabatha ngokuthi intokozo, nolungcwele lukaJehova ngokuthi lunodumo, uludumise, ungahambi ngezindlela zakho, ungawuqhubi umsebenzi wakho, ukhulume ize
U-Isaya 58:6-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Lokhu akusikho ukuzila engikukhethileyo na? ukuthukulula izibopho zobubi, ukuthukulula imithwalo esindayo, lokukhulula abacindezelweyo, lokuphula wonke amajogwe? Akukhona yini ukunika olambileyo isinkwa sakho nokuletha abampofu abaxoshwa endlini yakho na? uma ubona onqunu, umembese; nokuthi ungazifihli enyameni yakho? Khona ukukhanya kwakho kuyakuphuma njengokusa, nokuphila kwakho kuyakuhluma masinyane; ukulunga kwakho kuyakuphumela phambi kwakho; inkazimulo kaJehova iyakuba ngumvuzo wakho. Khona uyakubiza, uJehova aphendule; kufanele ubize, futhi uyothi: Nangu mina! Uma nisusa phakathi kwenu ijoka, nokukhomba ngomunwe, nokukhuluma okuyize; Futhi uma welulela umphefumulo wakho kolambileyo futhi usuthise umphefumulo ocindezelweyo; khona ukukhanya kwakho kuyakuvela ebumnyameni, nobumnyama bakho bube njengemini enkulu. UJehova uyakukuhola njalo, asuthise umphefumulo wakho endaweni yokomisa, akhuluphalise amathambo akho; futhi uyoba njengensimu eniselwayo nanjengomthombo omanzi awo anganqamuki. Labo abayakuba ngabakho bayakwakha amanxiwa amadala; uyakubizwa ngokuthi: Umlungisi wezikhala, umlungisi wezindlela zokuhlala. Uma ubuyisa unyawo lwakho esabathani, ukuze uthokoze ngosuku lwami olungcwele; ulibize isabatha ngokuthi injabulo, ingcwele kaJehova, idunyiswa; futhi umhloniphe ngokungenzi izindlela zakho futhi ungafuni okuthandwa nguwe futhi ungakhulumi amazwi akho.