Usho kanje ophezulu nophakemeyo, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, nakulowo onomoya odabukileyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, nokuphilisa izinhliziyo zabazisolayo. Ngokuba angiyukulwa kuze kube phakade, angiyukuthukuthela ingunaphakade; funa umoya ophambi kwami uphelelwe ngamandla, ngisho nemiphefumulo engiyenzileyo. Ngathukuthela ngenxa yobubi bokuhaha kwakhe, ngamshaya, ngazisitheza ngisathukuthele, kodwa waqhubeka ehlubukela ezindleleni zenhliziyo yakhe. Ngizibonile izindlela zakhe, ngiyakumphilisa; ngizakumhola, ngimbuyisele ukududuzeka, yena nabamlilelayo. Ngizodala izithelo zezindebe zomlomo, ngithi: ukuthula, ukuthula kuye okude, nakuye oseduze,” kusho uSimakade; “ngiyakumphilisa.”
Funda U-Izaya 57
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Izaya 57:15-19
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo