U-Isaya 57:15-19
U-Isaya 57:15-19 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Usho kanje ophezulu nophakemeyo, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, nakulowo onomoya odabukileyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, nokuphilisa izinhliziyo zabazisolayo. Ngokuba angiyukulwa kuze kube phakade, angiyukuthukuthela ingunaphakade; funa umoya ophambi kwami uphelelwe ngamandla, ngisho nemiphefumulo engiyenzileyo. Ngathukuthela ngenxa yobubi bokuhaha kwakhe, ngamshaya, ngazisitheza ngisathukuthele, kodwa waqhubeka ehlubukela ezindleleni zenhliziyo yakhe. Ngizibonile izindlela zakhe, ngiyakumphilisa; ngizakumhola, ngimbuyisele ukududuzeka, yena nabamlilelayo. Ngizodala izithelo zezindebe zomlomo, ngithi: ukuthula, ukuthula kuye okude, nakuye oseduze,” kusho uSimakade; “ngiyakumphilisa.”
U-Isaya 57:15-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo nokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo. Ngokuba angiyikulwa kuze kube phakade, angiyikuthukuthela njalonjalo, ngokuba umoya ubuyakuphela phambi kwami, leyo miphefumulo engiyenzileyo. Ngenxa yobubi bokuhaha kwakhe ngathukuthela, ngamshaya, ngazisitheza ngisathukuthele, kepha waqhubeka wahlubuka ngendlela yenhliziyo yakhe. Ngizibonile izindlela zakhe, ngiyakumphilisa; ngiyakumhola, ngimduduze yena nabamlilelayo, ngidala izithelo zezindebe zomlomo ngokuthi: Ukuthula, ukuthula kuye okude nakuye oseduze,” usho uJehova; “ngiyakumphilisa.”
U-Isaya 57:15-19 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngokuba usho kanje oPhezukonke, ohlala phakade, ogama lakhe lingcwele; ngihlala phezulu nasendlini engcwele, ngikanye nabadabukileyo komoya othobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, ngivuselele inhliziyo yabadabukileyo. Ngokuba ngeke ngilwe ingunaphakade, futhi ngeke ngihlale ngithukuthele, ngokuba umoya uyohluleka phambi kwami kanye nemiphefumulo engiyenzile. Ngathukuthela ngobubi bokuhaha kwakhe, ngamshaya; Ngizibonile izindlela zakhe futhi ngizomphulukisa; futhi ngizomqondisa futhi ngibuyisele induduzo kuye nakubo abalilayo. Ngiyadala isithelo sezindebe; Ukuthula, ukuthula kuye okude nakuye oseduze,” usho uJehova; ngiyakumphulukisa.