U-Izaya 56

56
Insindiso KaSimakade Ingeyabezizwe Abamkhonzayo
1Usho kanje uSimakade, uthi:
“Gcinani ubulungiswa,
nenze ukulunga,
ngokuba insindiso yami iseduze ukuba ifike,
nokulunga kwami ukuba kwambulwe.
2Ubusisiwe umuntu oyokwenza lokhu,
nendodana yomuntu eyobambelela kukho,
oyogcina isabatha angalingcolisi,
noyobamba isandla sakhe
ukuba singenzi nayikuphi okubi.”
3Indodana yowezizwe ezihlanganise noSimakade
mayingathi:
“Impela uSimakade uyakungehlukanisa nabantu bakhe,”
nomthenwa angathi:
“Bheka, ngingumuthi owomileyo.”
4Usho kanje uSimakade, uthi:
“Kubathenwa abagcina amasabatha ami,
nabakhetha engikuthandayo,
nababambelela esivumelwaneni sami;
5ngiyakubanika endlini yami
naphakathi kwezingange zami
isikhumbuzo negama elihle
kunamadodana namadodakazi;
ngiyakubanika igama eliphakade, elingayukuphela.
6Nabezizwe abazihlanganisa noSimakade
ukuba bamkhonze,
nokulithanda igama likaSimakade
ukuba babe yizinceku zakhe,
zonke ezigcina isabatha, zingaloni,
nezibambelela esivumelwaneni sami,
7yebo, nabo ngiyakubayisa entabeni yami engcwele,
ngibathokozise endlini yami yokukhuleka.
Iminikelo yabo yokushiswa
nemihlatshelo yabo
iyokwamukeleka e-althare lami,
ngokuba indlu yami iyakubizwa ngokuthi
iyindlu yokukhuleka yezizwe zonke.”
8INkosi uSimakade oqoqa abaxoshiweyo bakwa-Israyeli, ithi:
“Ngisazoqoqela kuye nabanye
ngaphandle kwalaba asebeqoqiwe.”
Ukusolwa Kwabaholi Bakwa-Israyeli
9Nina nonke zilwane zasendle,
nani nonke zilwane zasehlathini,
wozani nidle.
10Abalindi bakho bonke ngothi lwabo,
bayizimpumputhe,
abanakwazi;
bonke bayizinja eziyizimungulu,
abakwazi ukukhonkotha,
balala baphuphe;
bathanda ukozela.
11Yebo, bayizinja ezihahayo, abesuthi;
abelusi nabo bonke ngothi lwabo
abanakuqonda,
baphendukele bonke ezindleleni zabo;
yilowo nalowo enzuzweni yakhe.
12Wozani, yikhona ngizoletha iwayini,
sizozigcingca ngophuzo olunamandla;
nengomuso liyakuba njenganamuhla,
libe likhulu kakhulu.

Okuqokiwe okwamanje:

U-Izaya 56: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume