Nabezizwe abazihlanganisa noSimakade
ukuba bamkhonze,
nokulithanda igama likaSimakade
ukuba babe yizinceku zakhe,
zonke ezigcina isabatha, zingaloni,
nezibambelela esivumelwaneni sami,
yebo, nabo ngiyakubayisa entabeni yami engcwele,
ngibathokozise endlini yami yokukhuleka.
Iminikelo yabo yokushiswa
nemihlatshelo yabo
iyokwamukeleka e-althare lami,
ngokuba indlu yami iyakubizwa ngokuthi
iyindlu yokukhuleka yezizwe zonke.”