U-Izaya 55:6-12

U-Izaya 55:6-12 ZUL20

Mfuneni uSimakade esenokutholwa, nimbize eseseduze. Omubi makayishiye indlela yakhe, nomuntu owenza ibe mibi imicabango yakhe, abuyele kuSimakade, uyokuba nomusa kuye, abuyele kuNkulunkulu wethu, ngokuba uyophiwa intethelelo enkulu. “Ngokuba imicabango yami ayisiyo imicabango yenu, nezindlela zenu azisizo izindlela zami,” kusho uSimakade. “Njengalokhu amazulu ephakeme kunomhlaba, kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu, nemicabango yami kunemicabango yenu. Imvula neqhwa kwehla kuvela ezulwini, akubuyeli khona, kunalokho kumatisa umhlaba, kuwenze uhlume, uthele, unike ohlwanyelayo inhlwanyelo, nodlayo ukudla. Liyoba njalo izwi lami, eliphuma emlonyeni wami: aliyukubuyela kimi lilambatha, lingakakufezi lokho engikufunayo, liphumelele kulokho engilithumelele khona. Niyophuma ngentokozo, niholwe ngokuthula; izintaba namagquma kuyoqhumuka kuhlabelele phambi kwenu, nemithi yonke yasendle iyoshaya ihlombe.