Mfuneni uJehova esenokutholwa, nimbize eseseduze. Omubi makashiye indlela yakhe, nomuntu owenza okubi imicabango yakhe, abuyele kuJehova, uyakuba nomusa kuye, yebo, abuyele kuNkulunkulu wethu, ngokuba uyakwenza ukuthethelela kube kukhulu. “Ngokuba imicabango yami ayisiyo imicabango yenu, nezindlela zenu azisizo izindlela zami,” usho uJehova. “Ngokuba njengamazulu ephakeme kunomhlaba, kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu, nemicabango yami kunemicabango yenu. Ngokuba njengokwehla kwemvula neqhwa ezulwini, kungabuyeli khona, kepha kuwunethisa umhlaba, kuwenze ukuba uthele, uhlume, unike ohlwanyelayo inhlwanyelo nodlayo isinkwa, liyakuba njalo izwi lami eliphuma emlonyeni wami: aliyikubuyela ze kimi, lingakafezi lokhu engikufunayo, liphumelele kulokhu engilithumele kukho. Ngokuba niyakuphuma ngokuthokoza, niholwe ngokuthula; izintaba namagquma kuyakuqhumuka ngokuhlabelela phambi kwenu, nemithi yonke yasendle iyakushaya ihlombe.
Funda U-Isaya 55
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Isaya 55:6-12
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo