U-Izaya 45:1-25

U-Izaya 45:1-25 ZUL20

“Usho kanje uSimakade kogcotshiweyo wakhe, uKhoresi, osandla sakhe sokunene ngisibambile ukuba ngehlule izizwe phambi kwakhe, ngihlubule amakhosi izembatho zawo, ngivule iminyango phambi kwakhe; amasango awasayukuvalwa. Mina ngiyakuhamba phambi kwakho, ngihlelembe amagebhugebhu, ngephule izivalo zethusi, nginqume imigoqo yensimbi. Ngiyakukunika ingcebo yobumnyama, nemfuyo ethukusiweyo ezindaweni ezifihlakeleyo, ukuba wazi ukuthi nginguSimakade okubiza ngegama lakho, uNkulunkulu ka-Israyeli. Ngenxa yenceku yami uJakobe, u-Israyeli okhethiweyo wami, ngikubizile ngegama lakho, ngiyakukunika igama lodumo, noma ungangazi. Mina nginguSimakade, akekho omunye uNkulunkulu ngaphandle kwami; ngiyakukubhincisa noma ungazange ungazi, ukuze abantu bazi, kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo, ukuthi akekho omunye ngaphandle kwami; Mina nginguSimakade, akekho omunye; yimi engenza ukukhanya nengidala ubumnyama, ngenza ukuthula, ngidale inhlekelele; nginguSimakade owenza konke lokho. “Consani mazulu phezulu, amafu athulule ukulunga; umhlaba mawuvuleke, kuthelwe ukusindiswa, kumile nokulunga; Mina Simakade ngikudalile. “Maye, kuye olwa noMenzi, udengezi phakathi kwezindengezi zomhlabathi! Ibumba liyakusho yini kolibumbayo, lithi: ‘Wenzani na?’ nomsebenzi wakho, uthi: ‘Akanazo yini izandla na?’ Maye, kulowo othi kuyise: ‘Uzalani na?’ nakowesifazane, athi: ‘Unemihelo ngani na?’ “Usho kanje uSimakade, oNgcwele ka-Israyeli noMenzi wakhe, uthi: ‘Ningibuza ngezinto ezizayo, nangabantwana bami, ningiyale ngomsebenzi wezandla zami na? Yimi engiwenzile umhlaba, ngadala abantu phezu kwawo; yizandla zami ezaleneka izulu, ngayala wonke amaviyo alo. Mina ngimvusile lona ngokulunga; ngiyakuhlelemba zonke izindlela zakhe; uyakuwakha umuzi wami, avumele abathunjwa bami ukuba bahambe, kungabi ngomfumbathiso nangesipho,’ kusho uSimakade Wamabandla.” Usho kanje uSimakade, uthi: “Ingcebo yaseGibhithe nokuzuziweyo kwaseKhushe, nangamaShebha, abantu abade; kuyakuza kuwe, kube ngokwakho; bayakukulandela, bafike beboshwe ngamaketanga; bakukhothamele, bakhuleke kuwe, bathi: ‘UNkulunkulu unani kuphela, akekho omunye, akekho omunye uNkulunkulu ngaphandle kwakhe.’ ” Impela unguNkulunkulu ozifihlayo, uNkulunkulu ka-Israyeli, osindisayo. Bayakujabha bonke ngothi lwabo, babe namahloni, bayokuhamba bedumele bonke abenza izithombe. Kepha u-Israyeli usindisiwe nguSimakade, ngokusindiswa okuphakade; aniyukujabha, aniyukuba namahloni kuze kube phakade. Ngokuba usho kanje uSimakade, owadala izulu, uNkulunkulu, owabumba umhlaba; wawenza, wawumisa, engawudalelanga ize; wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo, uthi: “NginguSimakade, akekho omunye. Angikhulumanga ekusithekeni, endaweni emnyama emhlabeni; angishongo kwabozalo lukaJakobe, ngathi: ‘Ngifuneni ngeze.’ Mina Simakade ngikhuluma ukulunga, ngimemezela okuqotho. “Qoqanani ndawonye nize, sondelani nina abasindileyo bezizwe; abanalwazi abathwala umuthi wezithombe zabo ezibaziweyo, bakhuleka kunkulunkulu ongenakusindisa. Kumemezeleni, nikuveze; yebo, mabaxoxe. Ngubani owakubikezela lokhu endulo, wakumemezela esikhathini sasemandulo na? AkusiMina Simakade na? Akekho uNkulunkulu ngaphandle kwami, uNkulunkulu olungileyo noMsindisi, akekho ngaphandle kwami. “Nina nonke mikhawulo yomhlaba, phendukelani kimi, nisindiswe, ngokuba nginguNkulunkulu, akekho omunye. Ngizifunge Mina, izwi liphumile emlonyeni wami ngokulunga, aliyukubuyela emuva: wonke amadolo, ayoguqa kimi nezilimi zonke ziyofunga. Kuyothiwa ngami: ‘KukuSimakade kuphela ukulunga namandla.’ ” Bonke ababemthukuthelele bayakufika kuye, bajabhe. KuSimakade zonke izizukulwane zika-Israyeli ziyolungisiswa, zibe nodumo.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo