U-Isaya 45:1-25

U-Isaya 45:1-25 IsiZulu 2020 (ZUL20)

“Usho kanje uSimakade kogcotshiweyo wakhe, uKhoresi, osandla sakhe sokunene ngisibambile ukuba ngehlule izizwe phambi kwakhe, ngihlubule amakhosi izembatho zawo, ngivule iminyango phambi kwakhe; amasango awasayukuvalwa. Mina ngiyakuhamba phambi kwakho, ngihlelembe amagebhugebhu, ngephule izivalo zethusi, nginqume imigoqo yensimbi. Ngiyakukunika ingcebo yobumnyama, nemfuyo ethukusiweyo ezindaweni ezifihlakeleyo, ukuba wazi ukuthi nginguSimakade okubiza ngegama lakho, uNkulunkulu ka-Israyeli. Ngenxa yenceku yami uJakobe, u-Israyeli okhethiweyo wami, ngikubizile ngegama lakho, ngiyakukunika igama lodumo, noma ungangazi. Mina nginguSimakade, akekho omunye uNkulunkulu ngaphandle kwami; ngiyakukubhincisa noma ungazange ungazi, ukuze abantu bazi, kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo, ukuthi akekho omunye ngaphandle kwami; Mina nginguSimakade, akekho omunye; yimi engenza ukukhanya nengidala ubumnyama, ngenza ukuthula, ngidale inhlekelele; nginguSimakade owenza konke lokho. “Consani mazulu phezulu, amafu athulule ukulunga; umhlaba mawuvuleke, kuthelwe ukusindiswa, kumile nokulunga; Mina Simakade ngikudalile. “Maye, kuye olwa noMenzi, udengezi phakathi kwezindengezi zomhlabathi! Ibumba liyakusho yini kolibumbayo, lithi: ‘Wenzani na?’ nomsebenzi wakho, uthi: ‘Akanazo yini izandla na?’ Maye, kulowo othi kuyise: ‘Uzalani na?’ nakowesifazane, athi: ‘Unemihelo ngani na?’ “Usho kanje uSimakade, oNgcwele ka-Israyeli noMenzi wakhe, uthi: ‘Ningibuza ngezinto ezizayo, nangabantwana bami, ningiyale ngomsebenzi wezandla zami na? Yimi engiwenzile umhlaba, ngadala abantu phezu kwawo; yizandla zami ezaleneka izulu, ngayala wonke amaviyo alo. Mina ngimvusile lona ngokulunga; ngiyakuhlelemba zonke izindlela zakhe; uyakuwakha umuzi wami, avumele abathunjwa bami ukuba bahambe, kungabi ngomfumbathiso nangesipho,’ kusho uSimakade Wamabandla.” Usho kanje uSimakade, uthi: “Ingcebo yaseGibhithe nokuzuziweyo kwaseKhushe, nangamaShebha, abantu abade; kuyakuza kuwe, kube ngokwakho; bayakukulandela, bafike beboshwe ngamaketanga; bakukhothamele, bakhuleke kuwe, bathi: ‘UNkulunkulu unani kuphela, akekho omunye, akekho omunye uNkulunkulu ngaphandle kwakhe.’ ” Impela unguNkulunkulu ozifihlayo, uNkulunkulu ka-Israyeli, osindisayo. Bayakujabha bonke ngothi lwabo, babe namahloni, bayokuhamba bedumele bonke abenza izithombe. Kepha u-Israyeli usindisiwe nguSimakade, ngokusindiswa okuphakade; aniyukujabha, aniyukuba namahloni kuze kube phakade. Ngokuba usho kanje uSimakade, owadala izulu, uNkulunkulu, owabumba umhlaba; wawenza, wawumisa, engawudalelanga ize; wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo, uthi: “NginguSimakade, akekho omunye. Angikhulumanga ekusithekeni, endaweni emnyama emhlabeni; angishongo kwabozalo lukaJakobe, ngathi: ‘Ngifuneni ngeze.’ Mina Simakade ngikhuluma ukulunga, ngimemezela okuqotho. “Qoqanani ndawonye nize, sondelani nina abasindileyo bezizwe; abanalwazi abathwala umuthi wezithombe zabo ezibaziweyo, bakhuleka kunkulunkulu ongenakusindisa. Kumemezeleni, nikuveze; yebo, mabaxoxe. Ngubani owakubikezela lokhu endulo, wakumemezela esikhathini sasemandulo na? AkusiMina Simakade na? Akekho uNkulunkulu ngaphandle kwami, uNkulunkulu olungileyo noMsindisi, akekho ngaphandle kwami. “Nina nonke mikhawulo yomhlaba, phendukelani kimi, nisindiswe, ngokuba nginguNkulunkulu, akekho omunye. Ngizifunge Mina, izwi liphumile emlonyeni wami ngokulunga, aliyukubuyela emuva: wonke amadolo, ayoguqa kimi nezilimi zonke ziyofunga. Kuyothiwa ngami: ‘KukuSimakade kuphela ukulunga namandla.’ ” Bonke ababemthukuthelele bayakufika kuye, bajabhe. KuSimakade zonke izizukulwane zika-Israyeli ziyolungisiswa, zibe nodumo.

U-Isaya 45:1-25 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

“Usho kanje uJehova kogcotshiweyo wakhe, kuKoresi, osandla sakhe sokunene ngisibambile ukuba ngahlule izizwe phambi kwakhe, ngithukulule izinkalo zamakhosi, ngivule iminyango phambi kwakhe, amasango angabe esavalwa. Mina ngiyakuhamba phambi kwakho, ngihlelembe amagebhugebhu, ngaphule izivalo zethusi, nginqume imigoqo yensimbi. Ngiyakukunika ingcebo yobumnyama, nemfuyo ethukusiweyo ezindaweni ezisithekileyo, ukuba wazi ukuthi nginguJehova okubiza ngegama lakho, uNkulunkulu ka-Israyeli. Ngenxa yenceku yami uJakobe, u-Israyeli okhethiweyo wami, ngikubizile ngegama lakho, ngikunikile igama lodumo, ungakangazi. Mina nginguJehova, akakho omunye; ngaphandle kwami akakho uNkulunkulu; ngiyakubhincisa ungakangazi, ukuze bazi kusukela empumalanga nasentshonalanga ukuthi akakho ngaphandle kwami; mina nginguJehova, akakho omunye; yimi engenza ukukhanya nengidala ubumnyama, ngenza ukuthula, ngidala okubi; nginguJehova owenza konke lokho. “Consani, mazulu, phezulu, amafu athuntulule ukulunga; umhlaba mawuvuleke, kuthelwe ukusindiswa, kumile nokulunga; mina Jehova ngikudalile. “Wo kuye olwa noMenzi, udengezi phakathi kwezindengezi zomhlaba! Ibumba liyakusho kolibumbayo ukuthi: ‘Wenzani na?’ nomsebenzi wakho ukuthi: ‘Akanazo izandla,’ na? Wo kuye osho kuyise ukuthi: ‘Uzalani na?’ nakowesifazane ukuthi: ‘Unemihelo ngani na?’ “Usho kanje uJehova, oNgcwele ka-Israyeli noMenzi wakhe, uthi: Ningibuza ngezinto ezizayo, ngabantwana bami, ningiyaleze ngomsebenzi wezandla zami, na? Yimi engiwenzile umhlaba, ngadala abantu phezu kwawo; mina ngezandla zami ngeneka izulu, nebandla lalo lonke ngiliyalezile. Mina ngimvusile lona ngokulunga; ngiyakuhlelemba zonke izindlela zakhe; yena uyakuwakha umuzi wami, avumele abathunjwa bami ukuba bahambe, kungabi ngenkokhelo nangesipho, usho uJehova Sebawoti.” Usho kanje uJehova, uthi: “Okukhandlekelweyo kwaseGibithe nokuzuziweyo kwaseKushe, nangamaSheba, abantu abade, kuyakungena kuwe, kube ngokwakho; bayakukulandela, bafike beboshwe ngamaketanga, bakhothamele kuwe, bakhuleke kuwe, bathi: ‘UNkulunkulu ukuwe kuphela, akakho omunye, akakho ngaphandle kukaNkulunkulu.’ ” Impela unguNkulunkulu ozifihlayo, wena Nkulunkulu, Msindisi. Bayakujabha, babe namahloni bonke kanyekanye; bayakuhamba benamahloni bonke abenza izithombe. Kepha u-Israyeli uyakusindiswa nguJehova ngokusindiswa okuphakade; aniyikujabha, aniyikuba namahloni kuze kube phakade. Ngokuba usho kanje uJehova, owalidala izulu, onguNkulunkulu, owawubumba umhlaba, wawenza, wawumisa, engawudalelanga ize, wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo, uthi: “NginguJehova, akakho omunye. Angikhulumanga ekusithekeni, endaweni emnyama emhlabeni; angishongo enzalweni kaJakobe ukuthi: ‘Ngifuneni ngeze.’ Mina Jehova ngikhuluma ukulunga, ngimemezela okuqotho. “Buthanani nize, nisondelane ndawonye nina bakhululekileyo bezizwe; abawuthwala umuthi wezithombe zabo ezibaziweyo abanakwazi, bakhuleka kunkulunkulu ongenakusindisa. Kumemezeleni, nikuveze; yebo, balulekane kanyekanye. Ngubani owakuzwisa lokhu endulo, wakumemezela kwasesikhathini samandulo na? Akusimina Jehova na? Akakho uNkulunkulu ngaphandle kwami, uNkulunkulu olungileyo noMsindisi, akakho ngaphandle kwami. “Phendukelani kini, nisindiswe, nonke nina majukujuku omhlaba, ngokuba nginguNkulunkulu, akakho omunye. Ngizifungile mina, kuphumile izwi emlonyeni wami ngokulunga, aliyikubuya, lokuthi: Kimina ayakuguqa onke amadolo, nezilimi zonke ziyakufunga. Kuyakuthiwa: ‘KuJehova kuphela nginokulunga namandla.’ ” Bayakufika kuye, bajabhe bonke abamvuthelayo. KuJehova yonke inzalo kaJakobe yakwa-Israyeli iyakulungisiswa, ibe nodumo.

U-Isaya 45:1-25 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Usho kanje uJehova kogcotshiweyo wakhe, kuKoresi, osandla sakhe sokunene ngisibambile, ukuba ngehlisele izizwe phambi kwakhe; futhi ngiyothukulula izinkalo zamakhosi ukuze ngivule amasango amabili phambi kwayo; namasango awayikuvalwa; Ngizohamba phambi kwakho futhi ngiqondise izindawo ezigwegwile; ngizaphahlaza amasango ethusi, ngiphule imigoqo yensimbi. Ngiyakukunika ingcebo yasebumnyameni nengcebo efihliweyo ezindaweni zokucasha, ukuze wazi ukuthi mina Jehova okubiza ngegama lakho, nginguNkulunkulu ka-Israyeli. Ngenxa kaJakobe, inceku yami, no-Israyeli, abakhethiweyo bami, ngikubizile ngegama lakho; Ngikubize ngeziteketiso, nakuba ungangazi. NginguJehova, akakho omunye, akakho uNkulunkulu ngaphandle kwami; Ngikubhincile, nakuba ningangazi. Ukuze bazi kusukela empumalanga nasentshonalanga ukuthi akakho omunye ngaphandle kwami. NginguJehova, akakho omunye. Mina ngakha ukukhanya, ngidala ubumnyama; Ngenza ukuthula, ngidala ububi; Mina Jehova ngenza zonke lezi zinto. Yehlani, mazulu, phezulu, izulu linise ukulunga; Mina, Jehova, ngikudalile. Maye kulowo oxabana noMenzi wakhe! Izindengezi maziphikisana nezindengezi zomhlaba. Ubumba luthi kumbumbi walo: Wenzani na? noma umsebenzi wakho, Akanazandla na? Wo kuye othi kuyise: Uzalani na? noma kowesifazane: “Ubeletheni na?” Usho kanje uJehova, oNgcwele ka-Israyeli, uMenzi wakhe, uthi: Ngibuzeni ngokuzayo ngamadodana ami, ningiyale ngomsebenzi wezandla zami. Mina ngenza umhlaba, ngadala abantu phezu kwawo; Mina, izandla zami, ngelula izulu, futhi ngayala wonke amabutho awo. Ngimvusile ngokulunga, ngizaqondisa zonke izindlela zakhe; uyakwakha umuzi wami, akhulule iziboshwa zami, kungabi ngenani, kungabi ngenzuzo, usho uJehova Sebawoti. Usho kanje uJehova, uthi: “Umsebenzi waseGibithe nempahla ethengiswayo yaseKushe neyamaSheba, abantu abade, kuyakufika kuwe, kube okwakho; bayakuza emva kwakho; bayakuza kuwe beboshwe ngamaketanga; bayokuncenga bathi: Ngempela, uNkulunkulu ukuwe; futhi akakho omunye, akakho uNkulunkulu. Impela wena unguNkulunkulu ozifihlayo, Nkulunkulu ka-Israyeli, uMhlengi. Bayokuma benamahloni futhi beme benamahloni, bonke; Kepha u-Israyeli uyakusindiswa ngoJehova ngensindiso yaphakade; Ngokuba usho kanje uJehova owadala izulu, uthi: “UNkulunkulu uqobo lwakhe owabumba nowenza umhlaba; Waliqinisa, engadalelwanga ize, walibumba ukuba kuhlalwe kulo. NginguJehova; futhi akekho omunye. Angikhulumanga ekusithekeni, endaweni emnyama yomhlaba; Angishongo enzalweni kaJakobe ukuthi: Ngifuneni ngeze; Mina, Jehova, ngikhuluma ubulungisa, ngimemezela ubulungisa. Buthanani nize; sondelani kanyekanye nina enibalekele ezizweni! Khuluma lokhu futhi ubasondeze; yebo, mabacebisane kanyekanye: Ngubani owashumayela lokhu kwasendulo na? ubani owakutshela kusukela lapho? Angithi mina uJehova? futhi akakho omunye uNkulunkulu ngaphandle kwami; uNkulunkulu olungileyo noMsindisi; akakho omunye ngaphandle kwami. Bhekani Kimi, nisindiswe, nonke mikhawulo yomhlaba, ngokuba nginguNkulunkulu, akakho omunye. Ngizifungile mina, izwi liphumile emlonyeni wami ngokulunga, aliyikubuya, ukuthi kimi amadolo onke ayakuguqa, nezilimi zonke ziyakufunga. Impela omunye uyakuthi: “KuJehova nginokulunga namandla; kuye abantu bayokuza; bonke abamthukuthelele bayakujabha. NgoJehova yonke inzalo ka-Israyeli iyakulungisiswa futhi ikhazinyuliswe.