U-Izaya 43:16-19

U-Izaya 43:16-19 ZUL20

Usho kanje uSimakade odala indlela olwandle, nomkhondo emanzini anamandla, okhipha izinqola zempi; amahhashi, impi, namaqhawe, kulale uyaca kanyekanye kungabe kusavuka. Kucishwe, kucinywe njengentambo yesibani. “Ningakhumbuli izinto zakuqala, ningazindli ngezindaba zasendulo. Bhekani, sengizokwenza okusha, kuqhamuka khona manje; niyakubona na? Yebo, ngiyokwenza indlela ehlane, nemifula kwahlongasibi.