U-Izaya 40:3-5

U-Izaya 40:3-5 ZUL20

Izwi liyamemeza, lithi: “Lungisani indlela kaSimakade ehlane, nihlelembe umgwaqo kaNkulunkulu wethu ongcwele. Zonke izigodi ziyophakanyiswa, zonke izintaba namagquma kuyokwehliswa; amagebhugebhu ayakuhlelenjwa, nemigoxigoxi iyakuba yithafa. Inkazimulo kaSimakade iyobonakaliswa, bonke abantu bayakuyibona kanyekanye ngokuba umlomo kaSimakade ukhulumile.”