U-Isaya 40:3-5
U-Isaya 40:3-5 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Izwi liyamemeza, lithi: “Lungisani indlela kaSimakade ehlane, nihlelembe umgwaqo kaNkulunkulu wethu ongcwele. Zonke izigodi ziyophakanyiswa, zonke izintaba namagquma kuyokwehliswa; amagebhugebhu ayakuhlelenjwa, nemigoxigoxi iyakuba yithafa. Inkazimulo kaSimakade iyobonakaliswa, bonke abantu bayakuyibona kanyekanye ngokuba umlomo kaSimakade ukhulumile.”
U-Isaya 40:3-5 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Izwi liyamemeza lithi: “Lungisani ehlane indlela kaJehova, nihlelembe oqwathuleni umgwaqo kaNkulunkulu wethu. Zonke izigodi ziyakuphakanyiswa, zonke izintaba namagquma kuyakwehliswa; amagebhugebhu ayakuhlelenjwa, nemigoxigoxi iyakuba yithafa. Inkazimulo kaJehova iyakubonakaliswa, yonke inyama ikubone kanyekanye, ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.”
U-Isaya 40:3-5 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Izwi lomemeza ehlane, lithi: Lungisani indlela kaJehova, niqondise ehlane umgwaqo kaNkulunkulu wethu. Zonke izigodi ziyakuphakanyiswa, nazo zonke izintaba namagquma kuyakwehliswa; izindawo ezimangelengele ziyakwenziwa ziqonde, izindawo ezimangelengele zilingane; Inkazimulo kaJehova iyakwambulwa, yonke inyama ibone kanyekanye, ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.