U-Izaya 25:6-9

U-Izaya 25:6-9 ZUL20

Kule ntaba kaSimakade Wamabandla uyokwenzela zonke izizwe idili ngokukhulupheleyo nokunomnkantsha, idili lewayini eliqoqodileyo, elinenhlese ecwengekileyo. Uyobhubhisa kule ntaba isembozo esemboze bonke abantu, nomgubuzelo ogubuzele zonke izizwe. Ukufa kuyokugwinywa kuze kube phakade. INkosi uSimakade iyokuzesula izinyembezi ebusweni bonke, isuse ihlazo labantu bayo emhlabeni wonke ngokuba uSimakade ukhulumile. Kuyothiwa ngalolo lusuku