U-Isaya 25:6-9
U-Isaya 25:6-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kule ntaba kaSimakade Wamabandla uyokwenzela zonke izizwe idili ngokukhulupheleyo nokunomnkantsha, idili lewayini eliqoqodileyo, elinenhlese ecwengekileyo. Uyobhubhisa kule ntaba isembozo esemboze bonke abantu, nomgubuzelo ogubuzele zonke izizwe. Ukufa kuyokugwinywa kuze kube phakade. INkosi uSimakade iyokuzesula izinyembezi ebusweni bonke, isuse ihlazo labantu bayo emhlabeni wonke ngokuba uSimakade ukhulumile. Kuyothiwa ngalolo lusuku
U-Isaya 25:6-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova Sebawoti uyakwenzela abantu bonke idili lokukhulupheleyo kule ntaba, idili lewayini elinenhlese, okukhulupheleyo okunomnkantsha, iwayini elinenhlese elicwengekileyo. Uyakuchitha kule ntaba ingaphandle lesimbozo esimboza abantu bonke, nomgubuzelo ogubuzela zonke izizwe. Uyakugwinya ukufa kuze kube phakade; iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke, isuse amahloni abantu bakhe emhlabeni wonke, ngokuba uJehova ukhulumile. Kuyakuthiwa ngalolo suku
U-Isaya 25:6-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kule ntaba uJehova Sebawoti uyakwenzela zonke izizwe ukudla okunamafutha, ukudla kwewayini elinenhlese, okunamafutha agcwele umongo, kwewayini elihlutshiweyo. Futhi uyakuchitha kule ntaba isihenqo esigundiswe phezu kwabantu bonke, nesihenqo esigutshuzelwe phezu kwezizwe zonke. Uyakushwabadela ukufa ngokunqoba; iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke; futhi usongo lwabantu bayo iyoyisusa emhlabeni wonke, ngoba uJehova ukukhulumile. Futhi kuyothiwa ngalolo suku: Bheka, lo nguNkulunkulu wethu; simlindile, futhi uzosikhulula. NguJehova; silindele yena, sithokoze, sithokoze ngensindiso yakhe.