U-Efrayimi udla umoya, uxoshana nomoya wasempumalanga, abhebhethekise amanga nobudlova imihla yonke. Wenza isivumelwano ne-Asiriya, athumele amafutha eGibhithe. USimakade uthwesa uJuda icala, uyakumjezisa uJakobe ngokwezindlela zakhe, akhokhise kuye ngokwezenzo zakhe. Esesibelethweni wabamba umfowabo ngesithende, esenamandla wabambana noNkulunkulu. Wabambana nengelosi, wanqoba; wakhala, wanxusa kuyo isibusiso. Yamfumana eBhethele, yakhuluma nathi lapho, uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, uSimakade akhunjulwa ngalo. Kodwa kufanele wena ubuyele kuNkulunkulu wakho, ube nokwethembeka nobuqotho, ulindele uNkulunkulu wakho njalo. IKhanani liphethe izikali zenkohliso esandleni salo, liyakuthanda ukuqola. U-Efrayimi uthi: “Impela ngicebile, senginentilibathwa yomcebo. Kuzo zonke izithukuthuku zami abayukuthola kimi okubi okuyisono.” Kepha Mina nginguSimakade uNkulunkulu wakho selokhu kwaba seGibhithe. Ngisazokwenza futhi uhlale emathendeni njengasezinsukwini zemikhosi enqunyiweyo. Ngakhuluma kubaphrofethi, ngandisa imibono, ngenza imizekeliso ngesandla sabaphrofethi. Ngabe iGiliyadi selonakele? Impela abaselutho; bahlabe izinkunzi eGiligali, ngakho-ke ama-althare abo ayakuba njengenqwaba yamatshe emiseleni yamasimu. UJakobe wabalekela e-Aramu, u-Israyeli wasebenzela umfazi, welusa umhlambi ukuze athathe umfazi. USimakade wakhuphula u-Israyeli eGibhithe ngomphrofethi, wamlondoloza ngomphrofethi. Kepha u-Efrayimi umchukuluze ngokwedlulele; icala lakhe lokuchitha igazi liyakuba phezu kwakhe, iNkosi yakhe imthele ngehlazo lakhe.
Funda UHoziya 12
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UHoziya 12:1-14
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo