UHoseya 12:1-14

UHoseya 12:1-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)

U-Efrayimi udla umoya, uxoshana nomoya wasempumalanga, abhebhethekise amanga nobudlova imihla yonke. Wenza isivumelwano ne-Asiriya, athumele amafutha eGibhithe. USimakade uthwesa uJuda icala, uyakumjezisa uJakobe ngokwezindlela zakhe, akhokhise kuye ngokwezenzo zakhe. Esesibelethweni wabamba umfowabo ngesithende, esenamandla wabambana noNkulunkulu. Wabambana nengelosi, wanqoba; wakhala, wanxusa kuyo isibusiso. Yamfumana eBhethele, yakhuluma nathi lapho, uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, uSimakade akhunjulwa ngalo. Kodwa kufanele wena ubuyele kuNkulunkulu wakho, ube nokwethembeka nobuqotho, ulindele uNkulunkulu wakho njalo. IKhanani liphethe izikali zenkohliso esandleni salo, liyakuthanda ukuqola. U-Efrayimi uthi: “Impela ngicebile, senginentilibathwa yomcebo. Kuzo zonke izithukuthuku zami abayukuthola kimi okubi okuyisono.” Kepha Mina nginguSimakade uNkulunkulu wakho selokhu kwaba seGibhithe. Ngisazokwenza futhi uhlale emathendeni njengasezinsukwini zemikhosi enqunyiweyo. Ngakhuluma kubaphrofethi, ngandisa imibono, ngenza imizekeliso ngesandla sabaphrofethi. Ngabe iGiliyadi selonakele? Impela abaselutho; bahlabe izinkunzi eGiligali, ngakho-ke ama-althare abo ayakuba njengenqwaba yamatshe emiseleni yamasimu. UJakobe wabalekela e-Aramu, u-Israyeli wasebenzela umfazi, welusa umhlambi ukuze athathe umfazi. USimakade wakhuphula u-Israyeli eGibhithe ngomphrofethi, wamlondoloza ngomphrofethi. Kepha u-Efrayimi umchukuluze ngokwedlulele; icala lakhe lokuchitha igazi liyakuba phezu kwakhe, iNkosi yakhe imthele ngehlazo lakhe.

UHoseya 12:1-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

U-Efrayimi uyadla umoya, ulandela umoya wasempumalanga; uyandisa imihla yonke amanga nencithakalo; benza isivumelwano ne-Asiriya, namafutha ayiswa eGibithe. UJehova unokuphikisana noJuda futhi; uyakuhambela uJakobe ngenxa yezindlela zakhe, ambuyisele ngokwezenzo zakhe. Esiswini wabamba umfowabo ngesithende, nasebudodeni bakhe walwa noNkulunkulu; walwa nengelosi, wanqoba; wakhala, wanxusa kuyo; yamfumana eBethele, yakhuluma naye lapho. NguJehova uNkulunkulu Sebawoti, nguJehova igama lakhe lodumo. Ngalokho buyela wena kuNkulunkulu wakho, ugcine umusa nokulunga, ulindele uNkulunkulu wakho njalonjalo. IKhanani linesilinganiso esikhohlisayo esandleni salo, lithanda ukukhahlameza. U-Efrayimi uthi: “Impela ngicebile, ngithole imfuyo; kukho konke ukuzuza kwami abayikufumana bubi obuyisono.” “Kepha mina nginguJehova uNkulunkulu wakho kwasezweni laseGibithe; ngisezakukuhlalisa ematendeni njengasezinsukwini zemikhosi emisiweyo. Ngikhulumile kubaprofethi, ngandisile imibono, ngifanekisile ngesandla sabaprofethi.” Uma iGileyadi linobubi, impela bayakuba ngabachithiwe; uma behlabela izinkunzi eGiligali, ama-altare abo ayakuba njengezinqwaba ngasemiseleni yamasimu. UJakobe wabalekela ezweni lase-Aramu, u-Israyeli wakhonzela umfazi, walusa umhlambi ngenxa yomfazi. UJehova wakhuphula u-Israyeli eGibithe ngomprofethi, wagcinwa ngomprofethi. U-Efrayimi ucunulile ngokubabisayo; icala lakhe legazi liyakuphonswa phezu kwakhe; iNkosi yakhe ibuyisele kuye ihlazo lakhe.

UHoseya 12:1-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

U-Efrayimi udla umoya, uxosha umoya wasempumalanga; imihla ngemihla wandisa amanga nokubhubhisa; benza isivumelwano nama-Asiriya, kwangeniswa amafutha eGibithe. UJehova uphikisana noJuda, uyakuhambela uJakobe ngokwezindlela zakhe; uyakumbuyisela ngokwezenzo zakhe. Wabamba umfowabo ngesithende esiswini sikanina, ngamandla akhe waba namandla kuNkulunkulu. Yebo, yayinamandla phezu kwengelosi futhi yanqoba; wakhala, wamncenga; wamfumana eBethele, wakhuluma nathi khona; Yebo, uJehova, uNkulunkulu Sebawoti; uJehova uyisikhumbuzo sakhe. Ngakho uphendukele kuNkulunkulu wakho; londoloza umusa nokwahlulela, uthembele kuNkulunkulu wakho njalo. Ungumthengisi, izilinganiso zenkohliso zisesandleni sakhe; uthanda ukucindezela. Wayesethi u-Efrayimi: “Nokho ngicebile, ngizitholele okuhle; kuwo wonke umshikashika wami abayikufumana ububi obuyisono kimi. Mina-ke, nginguJehova uNkulunkulu wenu kwasezweni laseGibithe, ngisazakunihlalisa emadokodweni njengasezinsukwini zemikhosi. Ngakhuluma ngabaprofethi, ngandisa imibono, ngenza nemifanekiso ngenkonzo yabaprofethi. Kukhona ukungabi nabulungisa eGileyadi? impela ziyize; bahlaba izinkunzi eGiligali; yebo, ama-altare abo anjengezinqwaba emiseleni yensimu. UJakobe wabalekela ezweni lase-Aramu, u-Israyeli wakhonza owesifazane, walusa izimvu ngenxa yowesifazane. Ngomprofethi uJehova wamkhipha u-Israyeli eGibithe, walondolozwa ngomprofethi. U-Efrayimi wamgcona kabuhlungu; ngalokho igazi lakhe uyakulishiya phezu kwakhe, nesihlamba sakhe siphendule iNkosi yakhe kuye.