UHoseya 12
12
Ukungathembeki kuka-Efrayimi
1 U-Efrayimi uyadla umoya,
ulandela umoya wasempumalanga;
uyandisa imihla yonke amanga nencithakalo;
benza isivumelwano ne-Asiriya,
namafutha ayiswa eGibithe.
2UJehova unokuphikisana noJuda futhi;
uyakuhambela uJakobe ngenxa yezindlela zakhe,
ambuyisele ngokwezenzo zakhe.
3 Esiswini wabamba umfowabo ngesithende,
nasebudodeni bakhe walwa noNkulunkulu;
4 walwa nengelosi, wanqoba;
wakhala, wanxusa kuyo;
yamfumana eBethele,
yakhuluma naye lapho.
5 NguJehova uNkulunkulu Sebawoti,
nguJehova igama lakhe lodumo.
6Ngalokho buyela wena kuNkulunkulu wakho,
ugcine umusa nokulunga,
ulindele uNkulunkulu wakho njalonjalo.
7IKhanani linesilinganiso esikhohlisayo esandleni salo,
lithanda ukukhahlameza.
8 U-Efrayimi uthi:
“Impela ngicebile, ngithole imfuyo;
kukho konke ukuzuza kwami abayikufumana bubi obuyisono.”
9 “Kepha mina nginguJehova uNkulunkulu wakho kwasezweni laseGibithe;
ngisezakukuhlalisa ematendeni
njengasezinsukwini zemikhosi emisiweyo.
10 Ngikhulumile kubaprofethi,
ngandisile imibono,
ngifanekisile ngesandla sabaprofethi.”
11 Uma iGileyadi linobubi,
impela bayakuba ngabachithiwe;
uma behlabela izinkunzi eGiligali,
ama-altare abo ayakuba njengezinqwaba
ngasemiseleni yamasimu.
12 UJakobe wabalekela ezweni lase-Aramu,
u-Israyeli wakhonzela umfazi,
walusa umhlambi ngenxa yomfazi.
13 UJehova wakhuphula u-Israyeli eGibithe ngomprofethi,
wagcinwa ngomprofethi.
14U-Efrayimi ucunulile ngokubabisayo;
icala lakhe legazi liyakuphonswa phezu kwakhe;
iNkosi yakhe ibuyisele kuye ihlazo lakhe.
Okuqokiwe okwamanje:
UHoseya 12: ZUL59
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.