KumaHebheru 9:1-10

KumaHebheru 9:1-10 ZUL20

Kanjalo nesivumelwano sokuqala sasinezimiso zenkonzo nendlu engcwele yasemhlabeni. Ngokuba kwakhiwa ithabanakeli lokuqala okwakukhona kulo uthi lwezibani, itafula, nesinkwa sokubukwa; libizwa ngokuthi yiNdawo eNgcwele. Emva kwesihenqo sesibili kwakukhona ithabanakeli okuthiwa ngelingcwelengcwele. Kwakukhona kuyo i-althare legolide lempepho, kanye nomphongolo wesivumelwano owawuhuqwe ngegolide nxazonke, okwakukhona kuwo isitsha segolide esasiphethe imana, induku ka-Aroni eyahlumayo, nezibhebhe zesivumelwano. Phezu kwawo, kwakukhona amakherubhi enkazimulo engame isihlalo somusa, nokunye okungechazwe ngakunye njengamanje. Uma konke sekuhleliwe, abaphristi bayangena njalo engxenyeni yokuqala engcwele ukuzokwenza imisebenzi yabo yokukhonza. Kepha ngumphristi omkhulu kuphela ongena engxenyeni yesibili engcwelengcwele kanye ngonyaka, ephethe igazi lokuzonikelela yena uqobo, nangenxa yezono abantu abazenze ngokungazi nangokungaqondi. Ngalokho uMoya oNgcwele usicacisela kahle ukuthi indlela eya endaweni engcwelengcwele ayikabonakaliswa, inqobo nje uma kusekhona ithabanakeli lokuqala. Ngokuba ingumfanekiso walesi sikhathi samanje, okulethwa ngaso iminikelo nemihlatshelo, engenakumenza okhonzayo abe nonembeza omsulwa. Kepha iqondene nokudla, ukuphuza, nokugeza okunhlobonhlobo okuyizimiso zabantu, kuze kulethwe isikhathi senqubo entsha.