Ngokuba uma leso sivumelwano sokuqala sasingenasici, bekungeke kufunwe isivumelwano sesibili. Kepha lapho ebasola, uthi kubo: “Niyabona, izinsuku ziyeza,” kusho iNkosi, “lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli nendlu kaJuda, esingafani nesivumelwano engasenza nokhokho babo mhla ngibabamba ngesandla ngibakhipha eGibhithe; ngokuba abasigcinanga isivumelwano sami, nami angibanakanga,” kusho iNkosi. “Ngokuba yilesi isivumelwano engiyakusenza nendlu ka-Israyeli emva kwalezo zinsuku,” kusho iNkosi: “ngiyakufaka imithetho yami engqondweni yabo, ngiyilobe ezinhliziyweni zabo, ngiyoba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami. Abasayukufundisana, kube yilowo nalowo efundisa owakubo, nomunye efundisa umfowabo, ethi: ‘Yazi iNkosi.’ Ngokuba bonke bayakungazi, kusukela kwabancane kuya kwabadala. Ngokuba ngiyakubahawukela nakuba bonile, ngingabe ngisazikhumbula nezono zabo.” Uma ethi: “Esisha,” kusho ukuthi esokuqala sesiphelelwe yisikhathi, ngakho-ke osekuphelelwe yisikhathi, futhi sekukudala, sekuseduze ukuba kushabalale.
Funda KumaHebheru 8
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KumaHebheru 8:7-13
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo