Ngokuba izwe elizayo esikhuluma ngalo kalithobiselanga phansi kwezingilosi. Kepha omunye ufakazile kwenye indawo, wathi: “Umuntu uyini ukuba umkhumbule, noma indodana yomuntu ukuba uyinake na? Okwesikhashana wamenza ngaphansana kwezingelosi, wamfaka umqhele wenkazimulo nodumo, wammisa phezu kwemisebenzi yezandla zakho, zonke izinto wazibeka phansi kwezinyawo zakhe.” Lapho ebeka konke phansi kwezinyawo zakhe, kashiyanga lutho okungabekwanga phansi kwakhe. Kepha manje asikaziboni izinto zonke zibekwe phansi kwakhe. Kepha siyambona uJesu, owenziwa waba ngaphansana kwezingelosi isikhashana, esethweswe manje umqhele wenkazimulo nodumo, ngenxa yokuba wahlupheka waze wafa, ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yabo bonke.
Funda KumaHebheru 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KumaHebheru 2:5-9
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo