KumaHeberu 2:5-9

KumaHeberu 2:5-9 ZUL59

Ngokuba kwakungesizo izingelosi athobisela phansi kwazo izwe elizayo esikhuluma ngalo. Kepha omunye ufakazile endaweni ethile ngokuthi: “Umuntu uyini ukuba umkhumbule, noma indodana yomuntu ukuba uyinake, na? Isikhashana wamenza waba mncinyane kunezingelosi; wambeka umqhele wenkazimulo nodumo, wammisa phezu kwemisebenzi yezandla zakho, izinto zonke wazibeka phansi kwezinyawo zakhe.” Ngokuba ekubekeni izinto zonke phansi kwakhe kashiyanga lutho olungabekwanga phansi kwakhe. Kepha kalokhu asikaziboni izinto zonke zibekiwe phansi kwakhe; kodwa siyambona owenziwe waba mncinyane isikhashana kunezingelosi, uJesu, ebekiwe umqhele wenkazimulo nodumo ngenxa yokuhlupheka kokufa, ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yabo bonke.