KumaHebheru 2:10-18

KumaHebheru 2:10-18 ZUL20

Ngokuba kwakumfanele Yena, okukhona konke ngenxa yakhe, futhi okukhona ngaye, ukuba lapho eyisa amadodana amaningi enkazimulweni, amphelelise ngezinhlupheko lowo oyisiqalo sensindiso yabo. Ngokuba ongcwelisayo nalabo abangcweliswayo bonke bavela koyedwa. Yingakho engenamahloni okubabiza ngokuthi ngabafowethu, ethi: “Ngizakushumayela igama lakho kubafowethu, ngikuhubele phakathi kwebandla,” futhi uthi: “Ngiyakubeka ithemba lami kuye,” abuye athi: “Sengilapha, mina nabantwana uNkulunkulu anginike bona.” Ngakho-ke njengalokhu abantwana bahlanganyela igazi nenyama, naye uqobo wahlanganyela khona lokho, ukuze ngokufa kwakhe ambhubhise onamandla phezu kokufa; uSathane, akhulule bonke okwathi ngokwesaba ukufa besaphila, baboshelwa ebugqileni. Ngokuba kuyakhanya ukuthi akezanga ukuzosiza izingelosi, kodwa labo abayinzalo ka-Abhrahama. Ngakho kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke, ukuze abe ngumphristi omkhulu onozwelo nothembekileyo kokukaNkulunkulu, kube yinhlawulo yezono zabantu. Njengalokhu Yena uqobo wahlupheka elingwa, unamandla okusiza abalingwayo.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo