KumaHeberu 2:10-18
KumaHeberu 2:10-18 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngokuba kwakumfanele yena, okukhona konke ngenxa yakhe, nezikhona ngaye zonke izinto, lapho eletha amadodana amaningi enkazimulweni, aphelelise ngezinhlupheko umbusi wensindiso yawo. Ngoba kokubili ongcwelisayo lalabo abangcweliswayo bonke bavela oyedwa; Esithi: Ngizalitshumayela ibizo lakho kubazalwane bami, phakathi kwebandla ngizahlabelela kuwe indumiso. Futhi futhi: Ngizabeka ithemba lami kuye. Futhi futhi: Bheka mina nabantwana uNkulunkulu anginike bona. Ngakho lokhu abantwana bahlanganyela igazi lenyama, laye uqobo wahlanganyela khona lokho; ukuze ngokufa ambhubhise lowo owayenamandla okufa, okungukuthi, uSathane; futhi abakhulule labo ababeboshelwe ebugqilini ukuphila kwabo konke ngokwesaba ukufa. Ngokuba impela akathathanga isimo sezingelosi; kodwa wathatha inzalo kaAbrahama. Ngakho kwamfanela ukuthi afane labafowabo kukho konke, ukuze abe ngumpristi omkhulu olesihawu lothembekileyo ezintweni ezimayelana loNkulunkulu, ukuze enze inhlawulo yokuthula ngezono zabantu. Ngokuba kulokhu wahlupheka yena elingwa, unamandla okusiza abalingwayo.
KumaHeberu 2:10-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokuba kwakumfanele Yena, okukhona konke ngenxa yakhe, futhi okukhona ngaye, ukuba lapho eyisa amadodana amaningi enkazimulweni, amphelelise ngezinhlupheko lowo oyisiqalo sensindiso yabo. Ngokuba ongcwelisayo nalabo abangcweliswayo bonke bavela koyedwa. Yingakho engenamahloni okubabiza ngokuthi ngabafowethu, ethi: “Ngizakushumayela igama lakho kubafowethu, ngikuhubele phakathi kwebandla,” futhi uthi: “Ngiyakubeka ithemba lami kuye,” abuye athi: “Sengilapha, mina nabantwana uNkulunkulu anginike bona.” Ngakho-ke njengalokhu abantwana bahlanganyela igazi nenyama, naye uqobo wahlanganyela khona lokho, ukuze ngokufa kwakhe ambhubhise onamandla phezu kokufa; uSathane, akhulule bonke okwathi ngokwesaba ukufa besaphila, baboshelwa ebugqileni. Ngokuba kuyakhanya ukuthi akezanga ukuzosiza izingelosi, kodwa labo abayinzalo ka-Abhrahama. Ngakho kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke, ukuze abe ngumphristi omkhulu onozwelo nothembekileyo kokukaNkulunkulu, kube yinhlawulo yezono zabantu. Njengalokhu Yena uqobo wahlupheka elingwa, unamandla okusiza abalingwayo.
KumaHeberu 2:10-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba kwakumfanele yena, okukhona konke ngenxa yakhe nokukhona konke ngaye, ukuba, lapho eyisa amadodana amaningi enkazimulweni, amphelelise ngezinhlupheko yena oyinkosi yokusindiswa kwabo. Ngokuba ongcwelisayo nabangcweliswayo bonke baphuma kumunye; ngakho-ke akananhloni ukubabiza ngokuthi: Ngabafowethu, ethi: “Ngizakushumayeza abafowethu igama lakho, ngihlabelele ngawe phakathi kwebandla,” futhi: “Ngiyakubeka ithemba lami kuye,” futhi: “Bheka mina nabantwana uNkulunkulu anginike bona.” Ngakho-ke njengokuba abantwana bahlanganyela igazi nenyama, naye uqobo wahlanganyela khona lokho, ukuze ngokufa amchithe obe nawo amandla okufa onguSathane, abakhulule bonke labo abathi ngokwesaba ukufa ekuhambeni kwabo konke babeboshelwe ebugqileni. Ngokuba akahlangulisi izingelosi, kodwa uhlangulisa inzalo ka-Abrahama. Ngakho-ke kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke, ukuze abe ngumpristi omkhulu ohawukelayo nothembekayo kokukaNkulunkulu, kube yinhlawulo yezono zabantu. Ngokuba lokhu wahlupheka yena uqobo elingwa, unamandla okusiza abalingwayo.
KumaHeberu 2:10-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)