Ngakho-ke nathi, njengalokhu sinefu elingaka lawofakazi abasihaqileyo, masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi, sigijime ngokubekezela kulokhu kuncintisana esikumiselweyo, sibhekile kuJesu ongumqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo, wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu. Yebo, mqondeni yena owakhuthazela ephikwa kangaka yizoni, ukuze ningakhathali nidangale emiphefumulweni yenu. Anikamelani nezono, nilwe kuze kube segazini. Senikhohliwe yini ukugqugquzela aniyala ngakho nina eningabantwana, ethi: “Ndodana yami, ungakwedeleli ukuyala kweNkosi, ungadangali nxa Yona ikusola; ngokuba iNkosi iyamyala emthandayo, ishaye leyo naleyo ndodana eyamukelayo.” Bekezelani nxa niyalwa; uNkulunkulu uniphathisa okwabantwana, ngokuba yiyiphi indodana uyise angayiyaliyo na? Kepha uma nina ningayalwa, njengalokhu kwenziwa kanjalo kubo bonke, khona-ke ningamavezandlebe, anisiwo amadodana. Futhi-ke sasinobaba bethu begazi ababesiyala, futhi sibahlonipha. Pho singemthobele ngani kakhulu uYise wawomoya kunobaba, siphile na? Bona babesiyala okwesikhashana njengokubona kwabo, kodwa Yena usiyala ukuze sisizakale, sithole ukuhlanganyela ebungcweleni bakhe. Ukuyala konke esikhathini samanje akusiyo into emnandi, kodwa kubuhlungu, ekugcineni kuyabathelela isithelo sokuthula nokulunga labo abaqeqeshwe yikho. Ngakho-ke qinisani izandla ezibuthakathaka namadolo axegayo.
Funda KumaHebheru 12
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KumaHebheru 12:1-12
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo