KumaHebheru 11:32-40

KumaHebheru 11:32-40 ZUL20

Ngingabuye ngithini ngokukholwa na? Ngingaphelelwa yisikhathi uma ngingaqhubeka ngilande ngoGideyoni, uBharaki, uSamsoni, uJeftha; ngoDavide noSamuweli nangabaphrofethi, okwathi ngokukholwa, banqoba imibuso, basebenza ukulunga, bazuza izithembiso, bavimba imilomo yezingonyama, bacima amandla omlilo, baphunyuka enkembeni, baphiwa amandla ebuthakathakeni, baba yiziqhwaga empini, baxosha izimpi zabezizwe. Abesifazane babuyiselwa abakubo ababefile sebevusiwe, abanye balingwa, bajivazwa, bashaywa; yebo, baboshwa, bafakwa ejele. Bakhandwa ngamatshe, banqunywa ngamasaha, babulawa ngenkemba, bazulazula bembethe izikhumba zezimvu nezezimbuzi, beswele, behlushwa, bephathwa kabi; izwe lalingabafanele, bahamba emahlane, ezintabeni, emihumeni nasemigedeni yomhlaba. Bonke labo babenconyiwe ngokukholwa, nokho abasizuzanga isithembiso, ngokuba uNkulunkulu wayesibonele okuhle kunalokho, ukuze bangapheleliswa ngaphandle kwethu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KumaHebheru 11:32-40

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo