Yilowo nalowo mphristi uyama ekhonza imihla ngemihla, enikela engaphezi ngayo leyo mihlatshelo engakwazi ukususa izono. Kodwa Yena, esenikele ngomhlatshelo kwaba kanye ngenxa yezono, wahlala phakade ngakwesokunene sikaNkulunkulu, ulindele ukuba izitha zakhe zize zenziwe isenabelo sezinyawo zakhe. Ngokuba ngamnikelo munye nje, ubaphelelise unomphelo labo abangcwelisiweyo. NoMoya oNgcwele uyafakaza kithi, ngokuba esekushilo ukuthi: “Yilesi sivumelwano engizakusenza nabo, emva kwalezo zinsuku, kusho iNkosi. Ngiyakufaka imithetho yami ezinhliziyweni zabo, ngiyiqophe engqondweni yabo, ngingabe ngisazikhumbula izono zabo nobubi babo.” Kepha lapho kukhona ukuthethelelwa kwalokho, akusadingeki ukunikela ngenxa yesono.
Funda KumaHebheru 10
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KumaHebheru 10:11-18
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo