KumaHeberu 10:11-18

KumaHeberu 10:11-18 ZUL59

Abapristi bonke kambe bemi bekhonza imihla ngemihla, benikela kaningi ngayona leyo mihlatshelo engasoze yaba namandla okususa izono; kepha yena, esenikele ngomhlatshelo waba munye ngenxa yezono, wahlala phakade ngakwesokunene sikaNkulunkulu, usalindele izitha zakhe zize zenziwe isenabelo sezinyawo zakhe. Ngokuba ngomnikelo munye uphelelise njalonjalo labo abangcwelisiweyo. Kepha noMoya oNgcwele uyafakaza kithina, ngokuba emva kokusho kwakhe ukuthi: “Yilesi sivumelwano engizakusenza nabo, emva kwalezo zinsuku, isho iNkosi: Ngiyakufaka imithetho yami ezinhliziyweni zabo, ngiyilobe engqondweni yabo, nezono zabo nobubi babo angisoze ngakukhumbula futhi.” Kepha lapho kukhona ukuthethelelwa kwalokho, akusadingeki ukunikela ngenxa yesono.