UHagayi 2

2
Inkazimulo Yethempeli Elisha
1Ngenyanga yesikhombisa ngosuku lwama-21 enyangeni, kwafika izwi likaSimakade ngesandla sikaHagayi umphrofethi, lathi: 2“Ake ukhulume kuZerubhabhele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nakuJoshuwa indodana kaJehozadaki, umphristi omkhulu, nakuyo insali yabantu, uthi: 3‘Ngubani phakathi kwenu osasele owayibona le ndlu ebukhazikhazini bayo bakuqala na? Niyayibona ukuthi isinjani manje? Ayifani yini nento eyize emehlweni enu na? 4Kodwa qina manje, Zerubhabhele,’ kusho uSimakade, ‘qina, nawe Joshuwa, ndodana kaJehozadaki, umphristi omkhulu, qinani nonke nina bantu bezwe,’ kusho uSimakade, ‘nisebenze ngokuba Mina nginani,’ kusho uSimakade Wamabandla. 5‘Izwi engavumelana nani ngalo mhla niphuma eGibhithe noMoya wami kuyakuhlala kunani, ningesabi.’
6“Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Sekuzokuba ngumzuzwana nje bese ngizamazamisa izulu nomhlaba, ulwandle nomhlabathi owomileyo.’
7“Ngiyakunyakazisa zonke izizwe, kufike okuyigugu kwazo zonke izizwe, ngiyigcwalise le ndlu ngenkazimulo,” kusho uSimakade Wamabandla.
8“Ngelami isiliva, ngelami negolide,” kusho uSimakade Wamabandla.
9“Inkazimulo yakamuva yale ndlu iyakuba nkulu kuneyakuqala,” kusho uSimakade Wamabandla.
“Ngiyakuletha ukuthula kule ndawo,” kusho uSimakade Wamabandla.
10Ngosuku lwama-24 enyangeni yesishiyagalolunye, ngonyaka wesibili wokubusa kukaDariyu, kwafika izwi likaSimakade kuHagayi umphrofethi, lathi: 11“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Ake ubuze abaphristi ngomthetho, uthi: 12Uma umuntu ephethe inyama engcwelisiweyo ingasemphethweni wengubo yakhe, bese ethinta ngomphetho wakhe isinkwa, noma ukudla okuphekiwe, noma iwayini noma amafutha noma ngabe yikuphi ukudla, sekuyakuba ngcwele yini na?’ ”
Abaphristi baphendula bathi: “Cha.”
13Wayesethi uHagayi: “Uma umuntu engcoliswe yisidumbu bese ethinta noma yikuphi kwalokho, ngabe kuyakungcola yini na?” Abaphristi baphendula bathi: “Kuyakungcola.”
14Waqhubeka uHagayi wathi: “Banjalo-ke laba bantu, sinjalo lesi sizwe phambi kwami,” kusho uSimakade; “unjalo wonke umsebenzi wezandla zabo, nalokho abayakukwethula nakho kungcolile.
15“Ngakho-ke ake nibeke enhliziyweni yenu, kusukela ngalolu lusuku kuqhubeke, ukuthi kwakunjani kungakabekwa itshe phezu kwelinye ethempelini likaSimakade, 16ngaleso sikhathi lapho umuntu eya endundumeni yezilinganiso ezingama-20, kodwa kube lishumi nje, nalapho eya emiphongolweni yewayini lezilinganiso ezingama-50, kodwa athole elezingama-20 kuphela. 17Nganishaya ngokuhwamuka, ngesikhunta, nangesichotho kuyo yonke imisebenzi yezandla zenu, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.
18“Ake nibeke enhliziyweni yenu, kusukela ngalolu lusuku kuqhubeke, kusukela ngosuku lwama-24 enyangeni yesishiyagalolunye, mhla kubekwa isisekelo sethempeli likaSimakade, nibeke enhliziyweni yenu ngalokho. 19Isekhona yini imbewu enqolobaneni na? Imivini, imikhiwane, amahananadi, iminqumo akuthelanga. Kodwa kusukela ngalolu lusuku ngiyakukubusisa.”
Isithembiso SikaSimakade KuZerubhabhele
20Izwi likaSimakade lafika okwesibili kuHagayi, ngosuku lwama-24 enyangeni, lathi: 21“Tshela uZerubhabhele umbusi wakwaJuda, uthi: ‘Ngizonyakazisa amazulu nomhlaba, 22ngigumbuqele izihlalo zobukhosi zemibuso, ngiwaqede amandla emibuso yabezizwe, ngiketule izinqola nabagibele kuzo; afumbeke phansi amahhashi nabagibeli bawo, kube yilowo nalowo adliwe yinkemba yomfowabo.
23“ ‘Ngalolo lusuku,’ kusho uSimakade Wamabandla, ‘Ngiyakukuthatha, Zerubhabhele, nceku yami, ndodana kaSheyalitiyeli,’ kusho uSimakade, ‘ngikwenze indandatho, ngokuba ngikukhethile,’ kusho uSimakade Wamabandla.”

Okuqokiwe okwamanje:

UHagayi 2: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo