UHagayi 1

1
Umyalo Wokwakhiwa Kabusha Kwendlu KaSimakade
1Ngonyaka wesibili wokubusa kukaDariyu inkosi, ngenyanga yesithupha, ngosuku lokuqala enyangeni, kwafika izwi likaSimakade ngesandla sikaHagayi umphrofethi kuZerubhabhele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nakuJoshuwa indodana kaJehozadaki, umphristi omkhulu, lathi:
2Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Laba bantu bathi: ‘Asikafiki isikhathi sokuba kwakhiwe kabusha indlu kaSimakade.’ ”
3Kwase kufika izwi likaSimakade ngesandla sikaHagayi umphrofethi, lathi: 4“Ngabe sekuyisikhathi senu yini lesi sokuba nihlale ezindlini zenu ezihlotshisiwe, ekubeni le ndlu iyincithakalo, na?”
5“Ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Bekani inhliziyo yenu ezindleleni zenu. 6Nitshale okuningi, kodwa navuna okuncane; niyadla kepha anisuthi; niyaphuza, kodwa ananeliswa; niyembatha, kepha anifudumali, othola umholo uwufaka esikhwamemi esibhobokile.’
7“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Bekani inhliziyo yenu ezindleleni zenu. 8Khuphukelani entabeni, nilethe izingodo, nakhe indlu, ukuze nami ngithokoze ngayo, ngihlonishwe,’ ” kusho uSimakade.
9“Benilindele okuningi, kodwa niyabona-ke, nithole okuncane, lapho nikuyisa ekhaya, ngakuphephetha. Ngobani na?”
Kubuza uSimakade Wamabandla.
“Ngoba indlu yami iyincithakalo, kodwa nina niyagijima, kube yilowo nalowo endlini yakhe. 10Ngalokho-ke kungenxa yenu isibhakabhaka sigodle amazolo, nomhlabathi ugodle isivuno sawo. 11Ngase ngibiza isomiso sibe phezu kwezwe, phezu kwezintaba, phezu kokusanhlamvu, phezu kwewayini elisha, phezu kwamafutha amasha, phezu kokuvezwa ngumhlabathi, phezu kwabantu, phezu kwemfuyo, naphezu kwawo wonke umshikashika wezandla.”
Abantu Balalela Umyalo KaSimakade
12UZerubhabhele, indodana kaSheyalitiyeli noJoshuwa, indodana kaJehozadaki, umphristi omkhulu, nayo yonke insali yabantu, balilalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wabo namazwi kaHagayi umphrofethi, njengoba uSimakade uNkulunkulu wabo ayemthumile. Abantu besaba phambi kukaSimakade.
13UHagayi, isithunywa sikaSimakade, wayesethula umyalezo kaSimakade kubantu, wathi: “Mina nginani,” kusho uSimakade. 14USimakade wavuselela umoya kaZerubhabhele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nomoya kaJoshuwa indodana kaJehozadaki, umphristi omkhulu, nomoya wensali yonke yabantu, beza, basebenza endlini kaSimakade Wamabandla, uNkulunkulu wabo, 15ngosuku lwama-24, ngenyanga yesithupha, ngonyaka wesibili wokubusa kwenkosi uDariyu.

Okuqokiwe okwamanje:

UHagayi 1: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo