UHabhakuki 1:2-4

UHabhakuki 1:2-4 ZUL20

Kuyoze kube nini Simakade ngikhalela usizo, ungezwa, ngikhala kuwe kalusizi, ungasindisi na? Kungani ungibonisa ububi, uthalalise ngenkathazo na? Imbubhiso nobudlova kuphambi kwami; kukhona ukulwa nombango okudlangile. Ngalokho-ke umthetho awusathi shu, nokwehlulela akusenziwa unomphelo, ngokuba omubi uhaqa olungileyo; ngenxa yalokho ubulungiswa buphuma buhlanekezelwe.