UHabakuki 1:2-4
UHabakuki 1:2-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kuyoze kube nini Simakade ngikhalela usizo, ungezwa, ngikhala kuwe kalusizi, ungasindisi na? Kungani ungibonisa ububi, uthalalise ngenkathazo na? Imbubhiso nobudlova kuphambi kwami; kukhona ukulwa nombango okudlangile. Ngalokho-ke umthetho awusathi shu, nokwehlulela akusenziwa unomphelo, ngokuba omubi uhaqa olungileyo; ngenxa yalokho ubulungiswa buphuma buhlanekezelwe.
UHabakuki 1:2-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngiyakukuncenga kuze kube nini, Jehova, ungezwa, ngikhala ngendluzula, ungasindisi, na? Ungiboniselani ububi, ungibhekise ukukhathazeka na? Ngokuba ukuchitheka nendluzula kuphambi kwami; kukhona ukulwa, ukuxabana kuyaqhamuka. Ngalokho umthetho uba buthakathaka, nokwahlulela akuphumi kuze kube nini, ngokuba omubi uhaqa olungileyo; ngalokho ukwahlulela kuphuma kuhlanekezelwe.
UHabakuki 1:2-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
O Jehova, koze kube nini ngikhala, kodwa ungezwa! ngisho nakubizela ebudloveni, kodwa ngeke ukhulule! Kungani umemezela ububi bami futhi ungenze ngibone isikhalo? ngokuba impango nobudlova kuphambi kwami, futhi kukhona abavusa ukuxabana nokuxabana. Ngakho-ke umthetho uxegisiwe, nokwahlulelwa akuphumi; ngokuba ababi bahaqa olungileyo; ngakho-ke ukwahlulela okungalungile kuyaqhubeka.