IGenesisi 8

8
Ukunqamuka Kukazamcolo
1 UNkulunkulu wamkhumbula uNowa nazo zonke izilwane ezazinaye emkhunjini, ezifuywayo nezasendle. Wayesethumela umoya wavunguza phezu komhlaba, amanzi aya ngokuya ebohla. 2 Kwavaleka iziphethu ezisezinzulwini, kwavaleka namafasitela ezulu, yanqamuka imvula. 3 Amanzi aya ngokuya ebohla. Sekwedlule izinsuku eziyi-150 amanzi ayesehlile impela.
4 Ngosuku lwe-17 ngenyanga yesikhombisa, umkhumbi wathi cababa ezintabeni e-Ararathi. 5Amanzi aya ngokuya ehla. Kwathi lulunye ngenyanga yeshumi, kwaqala kwabonakala iziqongo zezintaba.
6Kwathi emveni kwezinsuku ezingama-40, uNowa wavula ifasitela lomkhumbi ayelenzile, 7wakhiphela ngaphandle igwababa. Landiza njalo lehla lenyuka kwaze kwabohla amanzi emhlabeni. 8Wabuye wathumela ijuba ukuze ahlole ngalo ukuthi nembala amanzi asenciphile yini ebusweni bomhlaba. 9Kepha ijuba kalitholanga ndawo elalingahlala kuyo. Landiza labuyela emkhunjini, uNowa welula isandla walingenisa ngaphakathi. 10Walinda izinsuku eziyisikhombisa, wabuye walikhipha ijuba. 11Labuyela kuye sekuhlwile liphethe ngomlomo iqabunga lomnqumo eliluhlaza. Kwamcacela uNowa ukuthi amanzi asebohlile emhlabeni. 12 Walinda izinsuku eziyisikhombisa, wabuye walithumela ijuba, kodwa aliphindanga labuyela kuye.
13Ngosuku lokuqala ngenyanga yokuqala uNowa eseqede iminyaka engama-601 ephila, wonke amanzi ayesehwamukile emhlabeni. UNowa waphakamisa uphahla lomkhumbi, wabona ukuthi sekomile phansi. 14Kwafika usuku lwama-27 sekome nkwe phansi.
15UNkulunkulu wakhuluma noNowa, wathi: 16“Phuma emkhunjini, wena nomkakho namadodana akho nomkawo. 17 Khipha konke okuphilayo okunawe, izinyoni, zonke izilwane, nezilwane ezihuquzelayo, ukuze zizalane zande emhlabeni.”
18Wayesephuma-ke uNowa nomkakhe, namadodana akhe nomkawo. 19Emkhunjini kwaphuma zonke izilwane, zonke izilwane ezihuquzelayo, nazo zonke izinyoni, nakho konke okuhambayo emhlabeni ngezinhlobo zakho.
Umnikelo KaNowa Nesithembiso SikaSimakade
20 UNowa wakhela uSimakade i-althare, wathatha kuzo zonke izilwane nezinyoni ezihlanzekileyo ngezinhlobo zazo, wenza ngazo umnikelo wokushiswa kulelo althare ayelakhile. 21 Iphunga lalowo mnikelo lamthokozisa uSimakade, wayesethi enhliziyweni yakhe: “Umhlaba angisayukuphinde ngiwuqalekise ngenxa yabantu. Umuntu vele unemicabango emibi kusukela ebuncaneni bakhe. Ngeke ngiphinde ngikubhubhise ngozamcolo konke okuphilayo njengalokhu ngenzile.
22 “Inqobo nje uma umhlaba usekhona,
kuyotshalwa kuvunwe,
kube makhaza kushise,
kube yihlobo nobusika,
imini nobusuku,
lokhu akuyukunqamuka.”

Okuqokiwe okwamanje:

IGenesisi 8: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume