IGenesisi 7

7
Ukubhubhisa Kukazamcolo
Ukufika Kukazamcolo
1 USimakade wathi kuNowa: “Ngena emkhunjini, wena nabo bonke abendlu yakho, ngokuba ngibonile ukuthi nguwena kuphela olungile phambi kwami kulesi sizukulwane. 2 Thatha amabhanqa ayisikhombisa azo zonke izilwane ezihlanzekile, iduna nensikazi, nakulezo ezingahlanzekile uthathe ngazimbili, iduna nensikazi. 3Uthathe kulo lonke uhlobo lwezinyoni zezulu zibe ngamabhanqa ayisikhombisa: iduna nensikazi, ukuze kulondolozeke izinhlobo zazo emhlabeni wonke. 4 Ngokuba emva kwezinsuku eziyisikhombisa ngizodedela imvula, ine emhlabeni izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, ngibhubhise konke okuphilayo engikudalileyo emhlabeni.”
5 UNowa wakwenza konke lokho njengalokhu uSimakade ayemyalile. 6 UNowa wayeseneminyaka engama-600 ngesikhathi liyithela ekazamcolo emhlabeni.
7 UNowa nowakwakhe namadodana akhe nomkawo bangena emkhunjini ukuze baphephe ezikhukhuleni zikazamcolo. 8 Izilwane nazo zangena ngazimbili kwezihlanzekile nezingahlanzekile, nezinyoni ngokunjalo, nezilwane zonke ezihuquzelayo emhlabeni, 9zangena emkhunjini ngazimbili, iduna nensikazi kanye noNowa njengokuba uNkulunkulu ayeshilo kuye. 10 Uzamcolo waqala emhlabeni emva kwezinsuku eziyisikhombisa.
11 Kuthe lapho uNowa eseneminyaka engama-600, ngosuku lwe-17, ngenyanga yesibili, kwaqhuma zonke iziphethu zamanzi emajukujukwini, kwavuleka namafasitela ezulu. 12 Lana emhlabeni imini nobusuku izinsuku ezingama-40. 13 Ngalolo lusuku uNowa nowakwakhe namadodana akhe, uShemu, uHamu, noJafethi, nomkabo bobathathu bangena emkhunjini. 14Kwangena zonke izilwane zasendle ngezinhlobo zazo, nezilwane ezifuywayo ngezinhlobo zazo, ezihuquzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo, nazo zonke izinyoni zezulu ngezinhlobo zazo, nakho konke okunamaphiko. 15 Kwangena emkhunjini kaNowa ngakubili konke okuphefumulayo, 16njengalokhu uNkulunkulu ayemyalile uNowa, kwangena iduna nensikazi, kukho konke okuphilayo. Esengenile uNowa, uSimakade wavala umnyango.
17 Laqhubeka layithela imvula izinsuku ezingama-40, akhula amanzi, awuntantisa umkhumbi phezu komhlaba. 18Amanzi akhula anda emhlabeni; umkhumbi wantanta phezu kwamanzi. 19 Amanzi anda kakhulu emhlabeni aze asibekela zonke iziqongo zezintaba ezinde. 20 Anda kakhulu aze azisibekela ngamakhubhithi ayishumi nanhlanu iziqongo zezintaba.
21 Kwafa konke okuphilayo emhlabeni: wena nyoni, wena nkomo, wena silo, wena silwanyana esinwabuzelayo emhlabeni, nabo bonke abantu. 22Konke okuphefumulayo okwakusezweni, kwafa. 23 UNkulunkulu wakushaya wakuqothula konke okuphilayo ezweni: abantu nezilwane, nezilwane ezihuquzelayo nezinyoni zezulu, wakushaya wakuqothula emhlabeni. Kwasala kuphela uNowa nalabo ayenabo emkhunjini. 24 Amanzi anda emhlabeni kwaze kwaphela izinsuku eziyi-150.

Okuqokiwe okwamanje:

IGenesisi 7: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume