IGenesisi 8:15-22

IGenesisi 8:15-22 ZUL20

UNkulunkulu wakhuluma noNowa, wathi: “Phuma emkhunjini, wena nomkakho namadodana akho nomkawo. Khipha konke okuphilayo okunawe, izinyoni, zonke izilwane, nezilwane ezihuquzelayo, ukuze zizalane zande emhlabeni.” Wayesephuma-ke uNowa nomkakhe, namadodana akhe nomkawo. Emkhunjini kwaphuma zonke izilwane, zonke izilwane ezihuquzelayo, nazo zonke izinyoni, nakho konke okuhambayo emhlabeni ngezinhlobo zakho. UNowa wakhela uSimakade i-althare, wathatha kuzo zonke izilwane nezinyoni ezihlanzekileyo ngezinhlobo zazo, wenza ngazo umnikelo wokushiswa kulelo althare ayelakhile. Iphunga lalowo mnikelo lamthokozisa uSimakade, wayesethi enhliziyweni yakhe: “Umhlaba angisayukuphinde ngiwuqalekise ngenxa yabantu. Umuntu vele unemicabango emibi kusukela ebuncaneni bakhe. Ngeke ngiphinde ngikubhubhise ngozamcolo konke okuphilayo njengalokhu ngenzile. “Inqobo nje uma umhlaba usekhona, kuyotshalwa kuvunwe, kube makhaza kushise, kube yihlobo nobusika, imini nobusuku, lokhu akuyukunqamuka.”