IGenesisi 50:19-21

IGenesisi 50:19-21 ZUL20

UJosefa wathi kubo: “Ningesabi. Kanti nginguNkulunkulu yini na? Nakuba nangakhela uzungu nifuna ukungenzakalisa, kodwa uNkulunkulu wayehlose okuhle, ukuze namuhla kusindiswe izinkumbi zabantu. Ngakho-ke ningesabi, ngizoninakekela nina nabantwana benu.” Wabaduduza ngokukhuluma nabo kanjalo.