UGenesise 50:19-21

UGenesise 50:19-21 ZUL59

UJosefa wayesethi kubo: “Ningesabi; kanti ngisesikhundleni sikaNkulunkulu na? Yebo, nina nangisongozela okubi, kepha uNkulunkulu wakuceba kwaba kuhle ukuba akwenze kube njenganamuhla, asindise abantu abaningi. Ngalokho ningesabi; mina ngiyakunondla, nina nezingane zenu.” Wabaduduza, wakhuluma kuzo izinhliziyo zabo.