IGenesisi 46:5-25

IGenesisi 46:5-25 ZUL20

UJakobe wasuka eBheri Sheba, amadodana ka-Israyeli amgibelisa uyise, nabantwana bawo, nomkawo ezinqoleni ezazikhishwe nguFaro ukuba zibathwale. Baqhuba yonke imihlambi yabo, bathatha nempahla yonke ababeyithole eKhanani, uJakobe wakhukhula naso sonke isizukulwane sakhe baze bayofika eGibhithe. Amadodana akhe, namadodana awo, namadodakazi akhe, namadodakazi amadodana akhe, bonke abantwana bakhe nesizukulwane sakhe behla naye baya eGibhithe. Nanka amagama abakwa-Israyeli abahamba baya eGibhithe noJakobe nesizukulwane sakhe: uRubeni, izibulo lakhe, namadodana akhe uHanokhi, uPhalu, uHezironi noKharimi. Amadodana kaSimeyoni kwakunguJemuweli, uJamini, u-Ohadi, uJakhini, uZoha noShawule, owayezalwa ngowesifazane ongumKhanani. Amadodana kaLevi: nguGereshoni, uKhohathi, noMerari. Amadodana kaJuda kungu-Eri, u-Onani, uShela, uPherezi, noZera. Kuwona u-Eri, no-Onani bafela eKhanani. Amadodana kaPherezi: kwakunguHezironi noHamuli. Amadodana ka-Isakhari: kunguThola, uPhuva, uJashubi, noShimroni. Amadodana kaZabuloni, kwakunguSeredi, u-Eloni, noJaleli. Yilawo-ke amagama amadodana uLeya amzalela wona uJakobe ePhadani Aramu, noDina indodakazi yakhe. Esewonke amadodana namadodakazi kaJakobe ayengama-33. Amadodana kaGadi: kwakunguZifiyoni, uHagi, uShuni, u-Ezibhoni, u-Eri, u-Arodi, no-Areli. Amadodana ka-Asheri: kwakungu-Imna, u-Ishiva, u-Ishivi, uBheriya, noSera udadewabo. Amadodana kaBheriya: kwakunguHebhere noMalikhiyeli. Yilawo-ke amagama amadodana ayeyi-16 kaZilipha, awazalela uJakobe. ULabani wayenike uLeya indodakazi yakhe uZilipha ukuba abe yisisebenzi sakhe. Amadodana kaRaheli, umkaJakobe: kwakunguJosefa noBhenjamini. Kuthe uJosefa eseGibhithe wazala uManase no-Efrayimi ku-Asenathi, indodakazi kaPotifera, umphristi wase-Oni. Amadodana kaBhenjamini: kwakunguBhela, uBhekheri, u-Ashibheli, uGera, uNahamani, u-Ehi, uRoshi, uMuphimu, uHuphimu, no-Aridi. Lawa kwakungamadodana kaRaheli ayemzalele wona uJakobe; esewonke ayeyi-14. Indodana kaDani kwakunguHushimu. Amadodana kaNafethali: kwakunguJahiziyeli, uGuni, uJezeri, noShilemu. Lawo kwakungamadodana kaBhiliha, uLabani ayemunike yena uRaheli, indodakazi yakhe, esewonke ayeyisikhombisa.