UGenesise 46:5-25

UGenesise 46:5-25 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UJakobe wasuka eBheri Sheba, amadodana ka-Israyeli amgibelisa uyise, nabantwana bawo, nomkawo ezinqoleni ezazikhishwe nguFaro ukuba zibathwale. Baqhuba yonke imihlambi yabo, bathatha nempahla yonke ababeyithole eKhanani, uJakobe wakhukhula naso sonke isizukulwane sakhe baze bayofika eGibhithe. Amadodana akhe, namadodana awo, namadodakazi akhe, namadodakazi amadodana akhe, bonke abantwana bakhe nesizukulwane sakhe behla naye baya eGibhithe. Nanka amagama abakwa-Israyeli abahamba baya eGibhithe noJakobe nesizukulwane sakhe: uRubeni, izibulo lakhe, namadodana akhe uHanokhi, uPhalu, uHezironi noKharimi. Amadodana kaSimeyoni kwakunguJemuweli, uJamini, u-Ohadi, uJakhini, uZoha noShawule, owayezalwa ngowesifazane ongumKhanani. Amadodana kaLevi: nguGereshoni, uKhohathi, noMerari. Amadodana kaJuda kungu-Eri, u-Onani, uShela, uPherezi, noZera. Kuwona u-Eri, no-Onani bafela eKhanani. Amadodana kaPherezi: kwakunguHezironi noHamuli. Amadodana ka-Isakhari: kunguThola, uPhuva, uJashubi, noShimroni. Amadodana kaZabuloni, kwakunguSeredi, u-Eloni, noJaleli. Yilawo-ke amagama amadodana uLeya amzalela wona uJakobe ePhadani Aramu, noDina indodakazi yakhe. Esewonke amadodana namadodakazi kaJakobe ayengama-33. Amadodana kaGadi: kwakunguZifiyoni, uHagi, uShuni, u-Ezibhoni, u-Eri, u-Arodi, no-Areli. Amadodana ka-Asheri: kwakungu-Imna, u-Ishiva, u-Ishivi, uBheriya, noSera udadewabo. Amadodana kaBheriya: kwakunguHebhere noMalikhiyeli. Yilawo-ke amagama amadodana ayeyi-16 kaZilipha, awazalela uJakobe. ULabani wayenike uLeya indodakazi yakhe uZilipha ukuba abe yisisebenzi sakhe. Amadodana kaRaheli, umkaJakobe: kwakunguJosefa noBhenjamini. Kuthe uJosefa eseGibhithe wazala uManase no-Efrayimi ku-Asenathi, indodakazi kaPotifera, umphristi wase-Oni. Amadodana kaBhenjamini: kwakunguBhela, uBhekheri, u-Ashibheli, uGera, uNahamani, u-Ehi, uRoshi, uMuphimu, uHuphimu, no-Aridi. Lawa kwakungamadodana kaRaheli ayemzalele wona uJakobe; esewonke ayeyi-14. Indodana kaDani kwakunguHushimu. Amadodana kaNafethali: kwakunguJahiziyeli, uGuni, uJezeri, noShilemu. Lawo kwakungamadodana kaBhiliha, uLabani ayemunike yena uRaheli, indodakazi yakhe, esewonke ayeyisikhombisa.

UGenesise 46:5-25 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UJakobe wayesesuka eBeri Sheba; amadodana ka-Israyeli amthwala uJakobe uyise, nezingane zawo, nawomkawo ezinqoleni abezithumile uFaro zokumthwala. Bathatha imfuyo yabo nempahla yabo ababeyizuze ezweni laseKhanani, bafika eGibithe, uJakobe nayo yonke inzalo yakhe kanye naye. Amadodana akhe, namadodana amadodana akhe, namadodakazi akhe, namadodakazi amadodana akhe, nayo yonke inzalo yakhe wayiletha kanye naye eGibithe. Lawa angamagama abantwana bakwa-Israyeli abafika eGibithe, uJakobe namadodana akhe: nguRubeni izibulo likaJakobe. Amadodana kaRubeni: ngoHanoki, noPhalu, noHesironi, noKarmi. Amadodana kaSimeyoni: ngoJemuweli, noJamini, no-Ohade, noJakini, noSohari, noShawule, indodana yowesifazane waseKhanani. Amadodana kaLevi: ngoGereshoni, noKohati, noMerari. Amadodana kaJuda: ngo-Eri, no-Onani, noShela, noPheresi, noZera; kepha o-Eri no-Onani bafela ezweni laseKhanani. Amadodana kaPheresi ayengoHesironi noHamule. Amadodana ka-Isakare: ngoThola, noPhuva, noJobe noShimroni. Amadodana kaZebuloni: ngoSeredi, no-Eloni, noJaleli. Yilawo angamadodana kaLeya amzalela wona uJakobe ePhadani Aramu kanye noDina indodakazi yakhe; yonke imiphefumulo yamadodana akhe namadodakazi akhe yayingamashumi amathathu nantathu. Amadodana kaGadi: ngoSifijoni, noHagi, noShuni, no-Esiboni, no-Eri, no-Arodi, no-Areli. Amadodana ka-Asheri: ngoJimna, no-Ishiva, no-Ishivi, noBeriya, kanye noSera udadewabo; amadodana kaBeriya: ngoHebere noMalikiyeli. Yilawo angamadodana kaZilipa uLabani amnika yena uLeya indodakazi yakhe; wamzalela wona uJakobe, abantu abayishumi nesithupha. Amadodana kaRaheli umkaJakobe: ngoJosefa noBenjamini. KuJosefa kwazalelwa ezweni laseGibithe oManase no-Efrayimi, amzalela bona u-Asenati indodakazi kaPotifera umpristi wase-Oni. Amadodana kaBenjamini: ngoBela, noBekeri, no-Ashibeli, noGera, noNahamani, no-Ehi, noRoshe, noMuphimi, noHuphimi, no-Arida. Yilawo angamadodana kaRaheli azalelwa wona uJakobe; bonke abantu babe yishumi nane. Amadodana kaDani: nguHushimi. Amadodana kaNafetali: ngoJaseli, noGuni, noJeseri, noShilemi. Yilawo angamadodana kaBiliha uLabani amnika uRaheli indodakazi yakhe; wamzalela wona uJakobe; bonke abantu babe yisikhombisa.

UGenesise 46:5-25 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

UJakobe wasuka eBeri Sheba; abantwana bakwa-Israyeli bamthwala uJakobe uyise, nabantwana babo, nawomkabo, ezinqoleni uFaro ayezithumele ukuba zimthwale. Bathatha imfuyo yabo nempahla yabo ababeyithole ezweni laseKhanani, bafika eGibhithe, uJakobe nayo yonke inzalo yakhe kanye naye. Amadodana akhe namadodana amadodana akhe kanye naye, amadodakazi akhe namadodakazi amadodana akhe nayo yonke inzalo yakhe wayiletha kanye naye eGibhithe. Lawa angamagama abantwana bakwa-Israyeli abafika eGibithe, uJakobe namadodana akhe: uRubeni izibulo likaJakobe. Amadodana kaRubeni: uHanoki, noFalu, noHezironi, noKarmi. Amadodana kaSimeyoni ngu oJemuweli, noJamini, no-Ohadi, noJagini, noSohari, noSawule, indodana yowesifazane waseKhanani. Amadodana kaLevi ngu uGereshoni, noKohati, noMerari. Amadodana kaJuda; u-Eri, no-Onani, noShela, noPerezi, noSeraki; kepha o-Eri no-Onani bafela ezweni laseKhanani. Amadodana kaPheresi: ngoHezironi noHamuli. Amadodana ka-Isakare ngu uThola noPhuva noJobe noShimroni. Amadodana kaZebuloni ngu uSeredi no-Eloni noJaleli. Lawa angamadodana kaLeya awazalela uJakobe ePhadani Aramu kanye nendodakazi yakhe uDina; yonke imiphefumulo yamadodana akhe namadodakazi akhe yayingamashumi amathathu nantathu. Amadodana kaGadi: uSifiyoni noHagi, uSuni no-Esboni, u-Eri no-Arodi no-Areli. Amadodana ka-Asheri: UJimna, noJisuwa, noIshivi, noBeriya, noSeraki, udadewabo; namadodana kaBeriya; uHebere noMalikiyeli. Lawa angamadodana kaZilipa uLabani awanika uLeya indodakazi yakhe, awazalela wona uJakobe, imiphefumulo eyishumi nesithupha. Amadodana kaRaheli umkaJakobe; uJosefa noBenjamini. UJosefa wazalelwa ezweni laseGibithe oManase no-Efrayimi, amzalela bona u-Asenati indodakazi kaPotifera umpristi wase-Oni. Amadodana kaBhenjamini kwakunguBhela, noBhegeri, no-Ashibeli, noGera, noNahamani, no-Ehi, noRose, noMuphimi, noHupimi, no-Ardi. Lawa angamadodana kaRaheli azalelwa wona uJakobe; yonke imiphefumulo yayiyishumi nane. Amadodana kaDani: Hushim. Oonyana bakaNafetali ngu Ukuzingela uphawu kanye noGuni noJeser noSillem. Lawa angamadodana kaBiliha uLabani amnika uRaheli indodakazi yakhe; wamzalela wona uJakobe; yonke imiphefumulo yayiyisikhombisa.