Sebefike kuyise uJakobe eKhanani, bamlandisa ngakho konke okwakubehlele, bathi: “Leya ndoda engumbusi wezwe ikhulume nathi ngesihluku, yasibiza ngezinhloli ezizohlola izwe. Sathi kuyo: ‘Siqotho thina, asizona izinhloli. Siyizelamani ezili-12, amadodana endoda eyodwa, enye ayisekho, uthunjana kumanje usele nobaba eKhanani.’ Lowo muntu oyinkosi yalelo lizwe, wathi kithi: ‘Shiyani kimi omunye umfowenu, nihambe, nithathele imindeni yenu ukudla. Uma senimlethile umfowenu omncane kimi, ngiyokwazi ukuthi aniyizo izinhloli, nokuthi ningamadoda aqotho; ngakho-ke ngiyobe sengininika umfowenu nihambe naye kuleli lizwe.’ ” Kuthe lapho sebethulula amasaka abo, bamangala bonke lapho bebona ukuthi isikhwama semali salowo nalowo sisesakeni. Lapho bona noyise bebona ukuthi isikhwama salowo nalowo sisesakeni lakhe, bashaywa wuvalo. Uyise uJakobe wayesethi kubo: “Niyangephuca abantwana bami; uJosefa akasekho, noSimeyoni akasekho, manje senifuna ukuthatha noBhenjamini; konke lokhu kungaphezu kwamandla ami.” URubeni wathi kuyise: “Uma ngingambuyiseli kuwe, bulala amadodana ami omabili, kodwa manje mnikele esandleni sami, ngizombuyisela kuwe.” UJakobe wathi: “Indodana yami ayiyukwehla nani, ngokuba umfowabo ufile, manje nguye yedwa osele, uma ehlelwa yingozi endleleni, niyokwenza ukuba ngiye kwelabafileyo nginomunyu.”
Funda IGenesisi 42
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IGenesisi 42:29-38
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo