Bafika-ke kuJakobe uyise ezweni laseKhanani, bamtshela konke okubehleleyo, bathi: “Lowo muntu, inkosi yezwe, ukhulume kalukhuni kithina, wasishaya izinhloli zezwe. Sase sithi kuye: ‘Singabaqotho; asiyizo izinhloli; siyizelamani eziyishumi nambili, amadodana kababa; enye ayisekho, encane ikubaba ezweni laseKhanani manje.’ “Lowo muntu, inkosi yezwe, wayesethi kithi: ‘Ngalokhu ngiyokwazi ukuthi ningabaqotho: shiyani kimi omunye wabafowenu, niphathele indlala yezindlu zenu ukudla, nimuke, nilethe kimi umfowenu omncane; yikhona ngiyokwazi ukuthi aniyizo izinhloli kepha ningabaqotho, ngininike umfowenu, nihambe izwe.’ ” Kwathi sebethulula amasaka abo, bheka, isikhwama semali salowo nalowo sasisesakeni lakhe; lapho bona noyise bebona izikhwama zabo zemali, bashaywa luvalo. UJakobe uyise wayesethi kubo: “Niyangaphuca abantwana bami; uJosefa akasekho, noSimeyoni kasekho; senizakuthatha noBenjamini; kuphezu kwami konke lokhu.” Wayesekhuluma uRubeni kuyise, ethi: “Bulala amadodana ami omabili, uma ngingambuyiseli kuwe; mnikele esandleni sami, ngizakumbuyisela kuwe.” Wathi: “Indodana yami ayiyikwehla nani, ngokuba umfowabo ufile, kusele yona yodwa; uma yehlelwa yingozi endleleni eniyihambayo, niyakwehlisela endaweni yabafileyo izimvi zami ngosizi.”
Funda UGenesise 42
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UGenesise 42:29-38
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo