IGenesisi 42:1-8

IGenesisi 42:1-8 ZUL20

UJakobe wezwa ukuthi kukhona ukudla eGibhithe, wayesethi emadodaneni akhe: “Kungani nilibele ukubukana na?” Wathi: “Bhekani, ngizwile ukuthi kukhona ukudla eGibhithe. Yehlani, nisithengele okusanhlamvu khona, ukuze siphile, singafi.” Abafowabo bakaJosefa abalishumi behla bayothenga okusanhlamvu eGibhithe. Kepha uJakobe akamthumelanga uBhenjamini, ongumnawabo kaJosefa kanye nabo, ngokuba wathi: “Funa ehlelwe yingozi.” Amadodana ka-Israyeli afika ukuzothenga ukudla ehambisana nabaningi ababezothenga, ngokuba indlala yayidlangile kulo lonke iKhanani. UJosefa wayengumbusi ezweni, ethengisela bonke abantu bezwe, nabafowabo bafika, bamkhothamela bathi mbo ngobuso emhlabathini. UJosefa wababona abafowabo, kodwa wazishaya ongabaziyo, wakhuluma nabo ngesankahlu, wathi: “Nivelaphi nina?” Bamphendula bathi: “Sivela eKhanani, sizothenga ukudla.” UJosefa wababona abafowabo, kodwa bona abambonanga.