UGenesise 42:1-8
UGenesise 42:1-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJakobe wezwa ukuthi kukhona ukudla eGibhithe, wayesethi emadodaneni akhe: “Kungani nilibele ukubukana na?” Wathi: “Bhekani, ngizwile ukuthi kukhona ukudla eGibhithe. Yehlani, nisithengele okusanhlamvu khona, ukuze siphile, singafi.” Abafowabo bakaJosefa abalishumi behla bayothenga okusanhlamvu eGibhithe. Kepha uJakobe akamthumelanga uBhenjamini, ongumnawabo kaJosefa kanye nabo, ngokuba wathi: “Funa ehlelwe yingozi.” Amadodana ka-Israyeli afika ukuzothenga ukudla ehambisana nabaningi ababezothenga, ngokuba indlala yayidlangile kulo lonke iKhanani. UJosefa wayengumbusi ezweni, ethengisela bonke abantu bezwe, nabafowabo bafika, bamkhothamela bathi mbo ngobuso emhlabathini. UJosefa wababona abafowabo, kodwa wazishaya ongabaziyo, wakhuluma nabo ngesankahlu, wathi: “Nivelaphi nina?” Bamphendula bathi: “Sivela eKhanani, sizothenga ukudla.” UJosefa wababona abafowabo, kodwa bona abambonanga.
UGenesise 42:1-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJakobe esezwile ukuthi kukhona amabele eGibithe, uJakobe wathi emadodaneni akhe: “Nibukanelani na?” Wathi: “Bhekani, ngizwile ukuthi kukhona amabele eGibithe; yehlani, niye lapho, nisithengele khona, ukuze siphile, singafi.” Base behla abafowabo bakaJosefa abayishumi, baya kuthenga amabele eGibithe. Kepha uBenjamini umfowabo kaJosefa uJakobe akamthumanga nabafowabo, ngokuba wathi: “Angahle ehlelwe ngokubi.” Ayesefika amadodana ka-Israyeli ukuthenga phakathi kwalabo ababefika, ngokuba kwakukhona indlala ezweni laseKhanani. UJosefa wayengumbusi ezweni; nguyena owathengisela abantu bonke bezwe; bafika-ke abafowabo bakaJosefa, bamkhothamela ngobuso phansi. UJosefa wabona abafowabo, wabazi, kepha wazishaya ongabaziyo kubo, wakhuluma kalukhuni kubo, wathi kubo: “Nivelaphi na?” Bathi: “Sivela ezweni laseKhanani, size ukuthenga ukudla.” UJosefa wabazi abafowabo, kepha bona abamazanga.
UGenesise 42:1-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwathi uJakobe ebona ukuthi kukhona ukolweni eGibithe, uJakobe wathi emadodaneni akhe: “Nibukana ngani na? Wathi: “Bheka, ngizwile ukuthi kukhona amabele eGibithe; yehlela lapho, usithengele khona; ukuze siphile, singafi. Abafowabo bakaJosefa abayishumi behla ukuyothenga amabele eGibithe. Kodwa uBhenjamini umfowabo kaJosefa kamthumanga uJakobe labafowabo; ngoba wathi: Ukuze ububi bungamfica. Abantwana bakwa-Israyeli beza ukuthenga ukolweni phakathi kwabafikayo, ngokuba indlala yayikhona ezweni laseKhanani. UJosefa wayengumbusi wezwe, wayethengisa kubo bonke abantu bezwe; bafika abafowabo bakaJosefa bakhothama phambi kwakhe ubuso babo bubheke phansi. UJosefa wababona abafowabo, wabazi, kepha wazenza ongabazi kubo, wakhuluma kalukhuni kubo; wasesithi kubo: Livela ngaphi? Basebesithi: Sivela elizweni leKhanani ukuyathenga ukudla. UJosefa wabazi abafowabo, kepha bona abamazanga.